INKULUMO yomqeqeshi weMamelodi Sundowns ngemuva kokunenebula i-Al Ahly ngo 5-0 kowomlenze wokuqala weCaf Champions League ikhombise izimpawu zokuhlohla uPhakamani Mahlambi ngokuthi aziphindisele ngabo bonke ubunzima lo mqeqeshi athi babuthwese “ingane encane ikude nasekhaya”.
UMahlambi usayine kwiSundowns ngemuva kokuhlala isizini eyodwa kwi-Al Ahly, e-Egypt engasitholi isikimu.
Ushaye igoli lesihlanu iSundowns inenebula leli qembu ngo 5-0 emdlalweni womlenze wokuqala we-quarterfinal yeChampions League eLucas Moripe ngempelasonto edlule.
UMosimane usuke ebhentshini wagijima cishe inkundla yonke eyojabula noMahlambi naye obejabule ngendlela eyisimanga.
Ubuziwe uMosimane ngokuthi kungani kube elikaMahlambi igoli alijabulele kakhulu. Uthe kubuye konke ukusokola ayekuzwa kuMahlambi ngokushaywa indiva ezweni lapho engabezwa khona ngisho bekhuluma abantu.
“Indlela umfana ayengincenga ngayo yangidabukisa. Ngamethembisa ngathi ngizomlanda. Nangempela kwagcina kwenzekile wabuya ekhaya.
Bekunzima kuyena. Umfana ebekhala ngokuthi kuyafana nokuthi usehlathini. Uyedwa akatshelwa lutho. Uyashinywa ngisho iqembu liyoziqeqesha kwamanye amazwe angatshelwa. Ngisho umfana elovile ejimini ubengabuzwa lutho. Kubi lokhu uma uzokwenza enganeni ikude nasekhaya.
Ngimtshelile ukuthi akangene athumele umyalezo. Igoli lakhe belisho lukhulu. Ngiyafisa ukuthi alishaye elinye e-Egypt,” kusho uMosimane.
NgoMgqibelo la maqembu azodlala umlenze wesibili ekuhambeni.
“Bazodinga ukushaya amagoli ayisithupha ukuze badlulele esigabeni esilandelayo. Lokhu kuzobaphoqa ukuthi basihlasele ngaso sonke isikhathi.
Sonke-ke siyazi ukuthi uma iqembu lihlasela liyaklayeka emuva. Yilapho uMahlambi nejubane lakhe ezogqama khona. Ngaphandle kwakhe ngizosebenzisa isivinini sikaThapelo (Morena) noLebo (Maboe).
Ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi uwulungele lo mdlalo ngokomqondo ngoba kusemqoka ukunakekela abadlali abasebancane.”
Ezikhulumela yena lo mdlali ngaphambi kokudlala ne-Al Ahly ngempelasonto edlule ubethembise ukuthi uzojabula ngendlela ejwayelekile uma elithola igoli lakhe lokuqala kwiChampions League ebhekene neqembu lakhe elidala.
“Anginagqubu ngakho konke okwenzeka. Konke okwenzekile kimina ngise-Egypt kuyimpilo yomdlali webhola. Okubhekene nami manje ukusiza iSundowns.
Uma lokhu kubulala iqembu lami elidala sebeyoxola kodwa mina ngenza engikuqashelwe futhi akukho nzondo nagqubu.”
ISundowns ifulathele leli ngoMsombuluko lapho iyozama ukuzibekisela khona indawo kowandulela owamanqamu womqhudelwano ewudle ngo-2016.