‘ASISINDILE neze ezembeni, kusengenzeka noma yini. Yingakho kubalulekile ukuthi sinqobe emdlalweni wethu neChippa United.”
Lena yindlela ahlaziya ngayo isimo umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, ngaphambi komdlalo wezakhe we-Absa Premiership neChippa United ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Okungenzeka ukuthi kukhathaza uJohnson wukuthi ezakhe zinamaphuzu awu-26 kanti ngokwejwayelekile kwiPremie-rship iqembu elinamaphuzu awu-32, yilona elinesiqinisekiso sokungagawulwa yizembe.
“Asikasindi ezembeni. Empeleni kusuka kwiLamontville Golden Arrows, sonke asikasindi. Kubalulekile ukuthi sithole amaphuzu emidlalweni yethu elandelayo. Amaphuzu awu-26 esinawo awenele ekutheni angasivikisa izembe,” usho kanje izolo uJohnson.
Usuthu luzobhekana neChippa United evutha ingabaselwe kulezi nsuku, ikakhulukazi kwiNedbank Cup njengoba isanda kuwashisa ijezi iBidvest Wits. Elinye iqembu elikhale ngaphansi kwiChilli Boys kwiNedbank yiMamelodi Sundowns.
“Badlale kahle bebhekene neWits, ngifisa ukubabongela ngokungena kuma-semi final eNedbank Cup. Kodwa nathi asidlalanga kahle emdlalweni wethu wokugcina (abashaywe kuwona yiFree State Stars ngo 4-1). Ngicabanga ukuthi ikhefu leFifa lisisize kakhulu ngoba sivakashele naseSwaziland, sayodlala imidlalo yesihle. Sikwazile nokuzinuka amakhwapha salungisa namaphutha asishayisile emidlalweni yethu edlule,” kusho uJohnson.
UJohnson uthe kunzima ukuthi angakhuluma ngokuthi ezakhe ufuna ziqede zikuphi uma kuphela isizini. Uthe okubalulekile njengamanje ukuthi baqoqe amaphuzu emidlalweni ebasalele eyisithupha.
“Ngifuna iqembu liqede lisendaweni enhle, ukuthi lokho kusibeka kwiTop 8 noma ngemuva kancane kwayo ngokunye. Amaphuzu iwona okufanele siwathole okunye nokunye kuzozicacela,” kubeka uJohnson.