IQEMBU lesizwe likanobhutshuzwayo lase-Jamaica kungenzeka libophele lowo owayengumgijimi ovelele emhlabeni, u-Usain Bolt (32) kungekudala. UBolt usengumdlali webhola elikhokhelayo, njengoba edlala kwiCentral Coast Miriners egijima kwi-A-League yase-Australia.
Ngokwemibiko uBolt onerekhodi lokunqoba i-100m, ubefunwa yiqembu elingase ligijime kwi-Uefa Champions League iValletta FC yaseMalta kodwa wanqaba ukuyoyidlalela. Lokhu kuthiwa sekunenge kakhulu umengameli weJamaican Football Association uMichael Ricketts, othe akaqondi nqindi nasibhakela ngalesi sihlabani ngekusasa laso ebholeni.
"Ngiphoxeke kakhulu ngokwenziwa uBolt, njengoba engafuni ukusayina namaqembu asekhaya. Phela ukube uyasayina ngabe sibona lukhulu kuyena. Singakwazi nokuthi simbize kwelesizwe kodwa okwamanje simqaphe ngeso lokhozi ukuthi ngabe wenzanjani. Okwamanje sisafuna ukumbona edlala ngokuzinikela, futhi esesimweni sokuba ngumdlali okhokhelwayo," ubeke kanje uRickett.
Elinye iqembu okuthiwa lifuna ukusayinisa uBolt, iReggae Boys yaseJamaica.
"Kufanele akhohlwe indaba yokuthi ubengumgijimi ovelele, futhi uthandwa ngabantu. Kufanele aqale ukuveza ukuthi enkundleni uphetheni ngempela," kusho uRickett.