INSIKA yomdlali weLamontville Golden Arrows, uMusa Bilankulu, ichitha eyokuthi bahlale benzela i-Orlando Pirates umusa ngezikhathi ezinzima.
Namuhla ngo-7.30 ebusuku Abafana Bes’thende bazodudulana neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
ISundowns ibalwa nabanga isicoco seligi kanti i-Arrows ilwela ukuqeda usuka ezembeni iphinde iqede kwiTop 8.
Uma i-Arrows inqoba kuzogiya iPirates. EZimnyama zisendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-49 emidlalweni ewu-27 kanti iSundowns iseqhulwini ngamaphuzu awu-52 emidlalweni ewu-26.
Uma kunqoba iSundowns igebe lizoluleka. Abafana Ba Style bazovula igebe lamaphuzu ayisithupha.
Phambilini iPirates inqobe isicoco seligi ishaya i-Arrows emdlalweni okwakumele iwunqobe kumnyama kubomvu.
Ngo-2010/11 wonke umuntu wayesezitshele ukuthi isicoco seligi siya kwi-Ajax Cape Town kodwa i-Urban Warriors yadlala ngokulingana neMaritzburg United kwathi eZimnyama zaqumba phansi Abafana Bes’thende ngo 2-1 ngemuva kwalokho zaba ngompeta beligi.
Nango-2011/12 iPirates igcina ukudla isicoco seligi yathela othulini i-Arrows ngo 4-2 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. IPirates kwakumele inqobe ngoba neMoroka Swallows eyayisendaweni yesibili yayishaye iMaritzburg United ngo 1-0.
Ngesizini edlule kube yiPirates “esize” i-Arrows ngesikhathi Abafana Bes’thende bedinga amaphuzu amathathu ukuze bangene kwi-top 8 futhi nangempela bawathola.
UBilankulu uyayichitha eyokuthi bayenzelelana nePirates.
“Akukhona ukuthi siyenzelelana nePirates. Lokho akusilona iqiniso. Kuyaqondana nje ukuthi sijwayele ukubhekana ngomdlalo wokugcina weligi. Ngaleso sikhathi bona basuke belwela ukunqoba isicoco seligi. Kusasa (namuhla) siyolwela amaphuzu amathathu ukuze singene kwi-top 8. Silwela okufuna ukuzuzwa yi-Arrows. Vele uma sinqoba kuzoba sengathi senzela iPirates umusa kanti akunjalo sizenzela thina ngoba sifuna ukungena kwi-top 8,” kusho uBilankulu.
I-Arrows ihlezi endaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu awu-31 emidlalweni ewu-26. Abafana Bes’thende bazogudluza iBloemfontein Celtic endaweni yesishiyagalombili.
“ISundowns isefomini kodwa lokho akusho ukuthi ayishayeki. Nangesizini edlule sidlale nayo ePitoli ishisa kodwa sayihlula. Siyayihlonipha ngokuthi kade ingompetha beCaf Champions League. Ngeke ngithi sishaywa wuvalo uma sicabanga ngayo. Sisalelwe yimidlalo emine esizozama ukuthola amaphuzu amathathu kuyo yonke. Siyazi ukuthi ngeke kube lula ngoba amaqembu ahlukene alwela amaphuzu ngezizathu ezehlukene,” kusho uBilankulu.
Umqeqeshi we-Arrows, uClinton Larsen, useke wayiphazamisa phambilini iSundowns ibanga isicoco seligi. Wayibhaxabula ngo 5-0 ngo-2014/15 esacija iCeltic ngemuva kwalokho iKaizer Chiefs yaba ngompetha beligi.