UMQEQESHI weCape Town City, uBenni McCarthy ukufanise nokubamba ufishi omkhulu ukusayinisa uTokelo Rantie.
URantie umenyezelwe yiCity ngempelasonto. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu. Ubekade edlalela iGenclerbirligi yaseTurkey ngaphambi kokuba nezinkinga naleli qembu laseTurkey.
“Kufana nokuthi sibambe i-jackpot ngoba ungumdlali engimkhonzile. Ubenguzakwethu. Ngiyakwazi angakwenza uma esefomini, esesimeni esihle ngokomzimba. Uke wathi ukwehlelwa yifomu kodwa wonke umuntu siyamehlela leso simo empilweni. Angikholwa wukuthi kukhona umuntu emhlabeni ongafikelwa yileso simo, ngisho noRichard Branson imbala akaqalanga kahle empilweni.
“Ngakho ngicabanga ukuthi * -TK naye angaxolelwa ngalokho futhi akumvimbi ukuthi abuye abe ngumgadli ophambili noma omunye wabagadli abaphambili esesike saba nabo,” kusho uMcCarthy.
Uthe akakuboni okungavimba uRantie ukuthi abuyele kwiBafana Bafana uma esesefomini.
Lo mqeqeshi ubekhuluma ngemuva kokuthi iCity izibekisele indawo kowamanqamu eMTN 8 ngempelasonto. EzikaMcCarthy zishaywe iMamelodi Sundowns ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium kodwa umdlalo wagcina ungu 1-1 ngenxa yokuthi zazinqobe ngomphumela ofanayo emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu. Kuyiwe kumaphenathi, zanqoba ngo 3-2.
Sebezodlala neSuperSport United kowamanqamu ngoSepthemba 29 enkundleni esazomenyezelwa. Lona kuzobe kuyimpinda yomdlalo wamanqamu wanyakenye owanqotshwa yi-United eMoses Mabhida Stadium ngo 4-2 ngemuva kokuthi uphele ngo 1-1.
“Sibashayile emdlalweni wokuqala (weligi) nengicabanga ukuthi sesiyalazi iqhinga lokubahlula. Angifuni ukuthi lo mdlalo wamanqamu uye kumaphenathi. Ngifuna uphele emizuzwini engu-90 futhi ngizokwenza isiqiniseko sokuthi abadlali bami bayakwazi lokho,” kusho uMcCarthy.