‘NGIBONA sisazowaqeda amaqembu kwi-Absa Premiership ngoShaka Zulu kule sizini.'
Lokhu kushiwo umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy ongawuvali umlomo ngesikweqe esiwumgadli kuleli qembu uSiphelele “Shaka Zulu” Mthembu asithatha njengomdlali abemswele ngesizini edlule kwezakhe ezigcine zilale isihlanu kwi-log ye-Absa Premiership.
Ngokusho kukaBenni, uMthembu ufike nobekushoda kwezakhe njengoba ekwazi ukubamba ibhola alinde nalo, akwazi ukuhlupha izitobha emoyeni kanti muhle noma esebona ipali.
NgeSonto uMthembu ushaye into ecokeme iCity inqoba ngo 1-0 idlala neMaritzburg United kuma-quarter-final eMTN 8, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Ngeshwa uMthembu akawuqedanga umdlalo ugcine ephumile ngenxa yokulimala.
Lo mdlali oke wayibamba kwi-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs, Free State Stars usevele unalo igoli kwiCape Town City njengoba elibeke enethini ngesikhathi ezikaMcCarthy zishaywa iBaroka FC ngo 2-1 ngeledlule. UMcCarthy uthe ezakhe seziyingozi enkulu ngokufika kukaMthembu, uze athi akesabi qembu njengamanje, kuyoshiyana ukwenza enkundleni.
“Ungumdlali engimkhonze kakhulu (uMthembu). Uma uqaphela ngesizini edlule besishoda ngomgadli owenza izinto eziningi, ozosibambela ibhola, ozolwa okwengwe. Ngingalisho ligcwale umlomo elithi abeze (esho amaqembu) kusazoshuba,” usho kanje uMcCarthy emuva komdlalo neMaritzburg.
Ngesikhathi uMthembu esayina neCity abaningi bebengaboni ezofika edlale ngaphansi kukaMcCarthy kwazise eminyakeni edlule ubeshaya into ephansi emaqenjini abewadlalela. UMcCarthy ngesikhathi esadlala ibhola naye ubengumgadli, obekusolakala ukuthi uzongayizwa kahle indlela uMthembu adlala ngayo.
Nokho uthe uyazifela ngoShaka Zulu, futhi kukhona okumbalwa amhlephulela khona ukuze ezokhula njengomgadli.
“Ufana ncamashi noZlatan (Ibrahimovic) kimina. Ngikujabulela kakhulu ukuthi ngithole umdlali owuhlobo lukaMthembu, bese kunesikhathi ngifisa ukuthola umdlali walolu hlobo,” kuqhuba uMcCarthy.
ICity izotholana phezulu neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu kwiMTN 8, ngo-Agasti 25.
“Sizoqala ekhaya neSundowns eKapa. Ayiboza ihlomile impela eKapa ngoba asishayelwa ekhaya. Ngiyethemba ngaleso sikhathi noTeko Modise uyobe esebuyile, isiyohlangana eKapa,” kusho uMcCarthy efa yihlaya.