LIQINISWE nangephini lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uRulani Mokwena, iqembu leBafana Bafana elizoyibamba emqhudelwaneni iFour Nations Tournament.
IBafana izofulathela leli ngoMashi 19 ukuyodlala umqhudelwano ohlanganisa iZambia, Zimbabwe ne-Angola. Uzoqala ngoMashi 22 kuya kuMashi 23 eLevi Mwanawasa Stadium, eNdola, eZambia.
Ngosuku lokuqala kuzogadulisana iZambia neZimbabwe bese kulandela iBafana ne-Angola ntambama. Amaqembu awinile azodlala kowamanqamu ngakusasa khona eNdola. Kuzovula ahluliwe.
Izolo ngesikhathi umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, ememezela iqembu lakhe uveze ukuthi umeme noMokwena oyiphini likaMulutin Sredojevic kwiPirates, ukuthi azoba yingxenye yeqembu elithakwe ngabadlali abasebancane nabambalwa amanamava.
UMokwena uzoba sekhempini yeBafana ezoba se-Orlando Stadium ngoMsombuluko.
Kuvele ukuthi iBaxter ufuna uMokwena azobona ukuthi angathanda yini ukuqeqesha emaqenjini esizwe. UBaxter usafake isicelo kwiSouth African Football Association (Safa) sokuqashelwa ngokugcwele abaqeqeshi bamaqembu asemancane nalapho uMokwena emcabangela khona.
"Kuwumsebenzi wami njengomqeqeshi weqembu lesizwe ukuthuthukisa abadlali nabaqeqeshi eNingizimu Afrika. URulani ungomunye wabaqeqeshi abanesiphiwo. Ngifuna azosiveza eqenjini lesizwe. Uma eyithandile indlela esisebenza ngayo sizobona ukuthi senzenjani. Ngiyethemba naye unaso isifiso sokusebenzela iqembu lesizwe," kusho uBaxter.
"E-England iqembu lesizwe lakhona lake laqeqeshwa ngu-Sven Goran Erikson waseSweden, abezindaba bakhona bemthanda. Kodwa babefuna ukuthi iqembu lesizwe liqeqeshwe ngumqeqeshi wakhona nase-Italy ngokunjalo. Ngikusho lokhu ngaphandle kokucwasa. Ngiyawuthanda umsebenzi wami wokuba ngumqeqeshi weBafana Bafana kodwa ngokomthetho kufanele iqeqeshwe ngumqeqeshi walapha eNingizimu Afrika. Ngiyethemba ukuthi oyedwa phakathi kukaRulani noThabo (Senong) uzoba ngumqeqeshi weBafana ngomuso."
UBaxter uqunge isibindi wabiza abadlali abasebancane, abanye abangakaze baligqoke ijezi leqembu lesizwe kodwa iningi labo elisefomini. Uthe leli yigxathu elibheke ekwakheni kabusha iBafana ehlulekile ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ozoba seRussia ngoJuni.
Kulaba badlali kukhona uSiphesihle "Mbesuma" Ndlovu weMaritzburg United osanda kuqokwa njengomdlali ovelele wenyanga kwi-Absa Premiership.
"Leli yithuba lokuvuselela iqembu negxathu elibheke ezinguqukweni endleleni esibheka ngayo izinto nokuthi zenzeka kanjani. Sihlulekile ukungena kwiNdebe yoMhlaba ngeqembu eliqinile. Kulokhu sinika abadlali abasebancane ithuba lokuzibonakalisa. Sibaxuba nabanamava ngoba asifuni ukubafaka emphandwini wezingonyama. Lokho siyakwenza singabaqeqeshi kodwa uma sebehluleka siphelelwe imisebenzi," kusho uBaxter.
"Bengingaqoka ukubiza abadlali abajwayele ukuba seqenjini, ngiphephe. Kodwa ngifuna ukunika laba badlali ithuba lokuqhakaza, hhayi ukuthi bahluleke. Kufanele ngibe nesibindi sokunika laba badlali ithuba. Siyafuna ukuwuwina umqhudelwano. Ngiyazi kuzoba khona ukungeneliseki kubalandeli kodwa ngeke ngikunake lokho. Ngifuna amaqembu akubone ukubaluleka kokudedela laba badlali."
Limi kanje iqembu leBafana elibizwe uBaxter uma seliphelele:
Onozinti: Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs), Darren Keet (Bidvest Wits), Brandon Petersen (Ajax Cape Town)
Abasemuva: Reeve Frosler (Bidvest Wits), Ramahlwe Mphahlele, Daniel Cardoso (Kaizer Chiefs), Thulani Hlatshwayo, Buhle Mkhwanazi, Sifiso Hlanti (Bidvest Wits), Motjeka Madisha (Mamelodi Sundowns), Innocent Maela (Orlando Pirates)
Esiswini: Dean Furman, Teboho Mokoena, Aubrey Modiba (Supersport United), Themba Zwane, Sibusiso Vilakazi (Mamelodi Sundowns), Siphesihle Ndlovu (Maritzburg United), Kamohelo Mokotjo (Brentford FC), Bongani Zungu (Amiens), Thembinkosi Lorch (Orlando Pirates), Keagan Dolly (Montpellier), Phakamani Mahlambi (Al Ahly)
Abagadli: Percy Tau (Mamelodi Sundowns), Lebo Mothiba (Lille), Ryan Moon (Kaizer Chiefs)