BASOLWE ngokungalazi ibhola abagxeka uDean Furman obe ngumdlali ovelele ngesikhathi iBafana Bafana ibambana ngo 0-0 neLibya ngempelasonto emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) yangonyaka ozayo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umqeqeshi weBafana uStuart Baxter uzibizele ukukhuluma ngala mazwi awasho esevala inkulumo yakhe nabezindaba ethi kumele kuyekwe ukugxekwa kungafanele uFurman ngoba lokho kuyamlimaza umdlali.
“Ngicabanga ukuthi uDean ube nomdlalo omuhle. Ngicabanga ukuthi uKeagan Dolly udlale kahle kakhulu. Ngiyazi uma siqoka iqembu kukhona ababuzayo ukuthi kungani uDean Furman edlala. Kungani kudlala uKeagan Dolly? Yini kungadlali, uFred, uTom noma uHarry? Uma ukhuluma kanjalo kumele ukuthi uzibona ubuwula uma esedlala njengoba enzile kusihlwa (ngoMgqibelo).
“UDean umqoka kuleli qembu, ongakuboni lokho akalazi ibhola. Ngalokhu akekho olapha engimgxekayo wukuthi kumele sikubheke esikushoyo uma sifuna ibhola lakuleli likhule.
“Ukukhuluma amagama angemahle ebhekiswe kubadlali abathile noma ngebhola laseNingizimu Afrika akwakhi muntu. Njengoba uDean eshilo bekumele sinqobe. Siphoxekile ngokunganqobi sizowuhlaziya umdlalo bese sizama ukubuya ngamandla. Kodwa kumele ngikusho ukuthi ngabe sinobuqiniso yini uma sigxeka abadlali abafana noDean abazinikela ngenhliziyo nangomoya umdlalo ngamunye,” kusho uBaxter.
Kufane nokuthi uzidonsela amanzi ngomsele njengoba enye yezintatheli imbuzile ukuthi usho ukuthini uma ethi: "abantu abalazi ibhola” ngoba la mazwi akhe awehli kahle kwabathile kuleli. Ithe uke washo okufanayo nangesikhathi ecacisa ngokuqasha indodana yakhe uLee ekubambeni ekuphekeni onozinti kwiBafana.
Gwiqiqi UBaxter ube esephika wathi akushongo ukuthi “abantu abalazi ibhola”.
“Yebo (ibhola) wumdlalo wemibono ehlukene. Angishongo ukuthi abantu abalazi ibhola. Engikushilo wukuthi angiqondi ukuthi kungani ngigxekwa ngokuletha uLee ekubeni kunguyena ofunde wagogoda ekuphekeni onozinti. Uneziqu ezidlula abaningi abaqeqesha kwiPSL. Angishongo ukuthi anilazi ibhola. Ngathi ngingaphoxeka uma abantu bengakuboni lokho (ukuthi uLee uqashwe ngoba eneziqu ezifanele). Ngithi abantu abakuqonde ukuthi amagama amabi abawakhulumayo bewabhekise esosheni elinjengoDean lokho abakwenzayo kuzokuba nomthelela ongemuhle. Njengoba nawe (esho intatheli) manje usudukisa isizwe ngokuthi ngithe abantu abalazi ibhola,” kuphetha uBaxter.
Le nkulumo iqhubeke waze wayongena ebhasini kodwa kucaca ukuthi akayizwa eyalokhu okuthiwa ukushilo.
Mayelana nomdlalo uvumile ukuthi awasebenzanga amaqhinga.
“Esiwombeni sokuqala besinabadlali abathathu esiswini. Besifuna ukubahlasela ngejubane likaVincet (Pule) noKeagan. Lokho sikwenzile cishe u-65% kodwa besingafiki ngendlela efanele ebhokisini ngale ndlela ebesikhulume ngayo. Okwesibili ngidlalisa uVilla (Sibusiso Vilakazi) kunombolo-10 ukuze asondelane no(Bradley) Grobler bese uPercy engena njengomgadli wesibili. Bengizitshela ukuthi sizolithola igoli kodwa kwangenzeka,” kusho uBaxter.
Imidlalo elandelayo:
Okthoba 10: South Africa v Seychelles
Nigeria v Libya
Okthoba 13: Seychelles v South Africa
Libya v Nigeria