UNCONYIWE umgadli weBafana Bafana, uLebo Mothiba, ngezinga eliphezulu lokudlala alikhombisile ngesikhathi ibhekene neSeychelles ngempelasonto.
INingizimu Afrika inqobe umdlalo wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo 6-0 eFNB Stadium.
UMothiba, ogijma kwiRacing Strasbourg edlala kwiLigue 1 eFrance, ushaye igoli waphinde wakha elinye.
UMothiba ubengekho ngenyanga edlule ngesikhathi iBafana ibambana ngo 0-0 neLibya eThekwini. Wahoxa ngemuva kokulimala.
Emdlalweni wakhe wokuqala kuqeqesha uBaxter, ufike waqhubeka nefomu ayikhombisa eqenjini lakhe lapho eseshaye khona amagoli amane kwiligi walekelela kwamabili.
“Ngale kokuzwakala kabi, uLebo uyena engingathi akadlalisi okomdlali waseNingizimu Afrika. E-England u-Allan Shearer wayewuhlobo lomgadli elikwaziyo ukuhola ulayini ( umgadli owuhlupho kwizitobha nokusiza ekutheni kuvulekele ozakwabo izikhala phambili). ULebo ukwenze kahle lokho. Ubezihlula izitobha, bezingenakho ukuthula. Ngokuhamba kwesikhathi ubesebenzisana kahle noPercy (Tau) eseqhamuka ngasemuva obekwenza kube nzima ukuthi bamvale. Ngakho ngigculisekile ngendlela abahlangane ngayo,” kusho uBaxter.
Namuhla iBafana izobhekana neSeychelles eStade Linite ngo-3 ntambama.
IBafana ihleli endaweni yokuqala kuGroup E obophele neNigeria ezodlala neLibya kusihlwa.
Uma iqhubeka lapho igcine khona kwiSeychelles izoqhubeka nokuhola eqoqweni ngaphambi kwemidlalo elandelayo yokuhlunga lapho izodlala neNigeria ngoNovemba 16 eNingizimu Afrika.
Umdlalo wokugcina uzodlalwa ngoMashi neLibya ekuhambeni.
UBaxter uthe okusemqoka wukuthi iqembu lizibekisele indawo kwi-Afcon eseCameroon ngoJuni 2019.
“Akukho mqoka ukuthi sizibekisile indawo ngenyanga ezayo. Ngicabanga ukuthi njengoba sinomlando wokuhluleka (ukuzibekisela indawo), ukuya emqhudelwaneni yisona isifiso sethu esikhulu. Uma sikwenza ngenyanga ezayo, kuhle futhi noma sikwenza ngomdlalo wokugcina, ngicabanga ukuthi wonke umuntu uzojabula. Ngeke ngibheke kude. Kumele sigxile kokumele sikwenze njengoba abadlali bekhombisile (emdlalweni wokuqala),” kusho uBaxter.
Ugcizelele ukuthi yize beyihlululile iSeychelles kodwa akumele bayibukele phansi.
“Ngifuna ukubona ukuzimisela okufanayo. Angifuni bacabange ukuthi sesibakhulu ngoba nakhu sibe nomdlalo owodwa omuhle,” kuphetha uBaxter.
Imidlalo ye-Afcon namuhla: Seychelles v South Africa (3pm, Stade Linite); Libya v Nigeria (8pm, Stade Taieb Mhiri); Zimbabwe v DR Congo (7pm, National Stadium); Liberia v Congo (8pm, Samuel Kanyon Sports Complex).