XOLILE MPISANE
UZIMISELE ukwakhela phezu kwesisekelo esishiywe ngabaqeqeshi abamandulele uStuart Baxter, omenyezelwe izolo njengozothatha izintambo ebhentshini leKaizer Chiefs.
UBaxter (67) usayine inkontileka yeminyaka emibili naMakhosi, inombandela wokuyengeza ngeminyaka emibili.
Sekungokwesibili eqeqesha leli qembu, wafika okokuqala ngo-2012. Uzovala isikhala sikaGavin Hunt, okhonjwe indlela ngenyanga edlule ngenxa yemiphumela engagculisi.
“Laba baqeqeshi abebekhona ngaphambi kwami nabo basezingeni eliphezulu. Njengoba sengibuyile akusho ukuthi sengizobhidliza wonke umsebenzi omuhle osuwenziwe. Okumele ngikwenze ukuthi ngihambise izinto ngendlela, konke kuhambisane nenqubomgomo yeqembu,” kusho uBaxter.
“Yiningi inqubekela phambili ebonakalayo selokhu ngashiya kwiChiefs. Ngiyazi ukuthi kuningi okulindelwe kumina, lokho kudinga ngikwamukele. Sekulukhuni kakhulu kule ligi (DStv Premiership), izinga linyukile. Ngisho namaqembu asemsileni akulula ukuthi uvele uwahlule. Yonke imidlalo inzima.
“Ngeke kufane naphambilini, selishintshile ibhola elidlalwayo. Kumele ngibheke ukuthi yikuphi okushintshile, ngibheke nokuthi yikuphi okungasibeka endaweni engcono. Kuningi okuzoba yinselelo kodwa inselelo enohlonze.”
Izinto zamhlambela kahle uBaxter efika kwiChiefs okokuqala, wanqoba kwiligi ngo-2012/13, wathola nesicoco seNedbank Cup. Waphinda wathatha izinkomishi ezimbili ngesizini ka-2014/15, bedla iligi neMTN 8.
Emva kwalokho useke waqeqesha iSuperSport United, neBafana Bafana neqembu lase-India i-Odisha FC.
Umdlalo olandelayo weChiefs umlenze wokuqala wowandulela amanqamu kwiCAF Champions League, bazowudlala neWydad Casablanca yaseMorocco ngoJuni 19. Umlenze wesibili ungoJuni 26.
“Ngenye inselelo engibhekene nayo leyo, ngidinga amasu azosizisa ukuthi sinqobe le midlalo. Sizodlala neqembu eliyingozi kodwa sakhombisa sidlala ekhaya ukuthi singamelana nabo. Kumele senze kangcono ekuhambeni, sibuye nomphumela omuhle ozosibeka ethubeni elihle lokuthi sibaqedele ekhaya.”
Lo mqeqeshi akashiyanga kahle kwi-Odisha FC. Waxoshwa ngoFebhuwari. Wakhala ngokuthi abadlali bakhe kuzomele badlwengule noma badlwengulwe ukuze bathole iphenathi. Wabe esekhonjwa indlela kukhalwa ngokuthi le nkulumo ibingafanele kwazise e-India kudla lubi ukudlwengulwa kwabesifazane.
Izolo uBaxter uxolisile. “Ngenxa yamagama awubuwula engawasho e-India, ngibone kungcono ukuthi ngixolise ngaphambi kokuthi ngiqale ukusebenza eNingizimu Afrika. Ngiyazi ukuthi leli (ukudlwengula) yicala elinzima, okubukeka sengathi ngangilithatha kancane. Kwakungesiyona inhloso. Akuvezi ubumina. Ngiyazi baningi abathinteka nabacasuka ngengakusho. Ngiyaxolisa kakhulu. Ngokuzayo ngeke ngiphawule ngendlela enobudedengu njengalena. Ngiyafisa ukuthi bonke abathinteka bakwamukele ukuxolisa kwami.”