UZWELANA neReal Kings umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, ngokuhlehliswa komdlalo wala maqembu omabili owadlalelwa eSugar Ray Xulu Stadium eClermont, emasontweni amabili edlule.
Umdlalo wamiswa ngenxa yemvula enamandla, iKings eyibambe emsileni kwi-log yeNFD, yayihamba phambili ngo 1-0. IPremier Soccer League (PSL), inqume ukuthi lo mdlalo uphindwe kusasa ngo-3.30 ntambama, enkundleni efanayo.
Ngokusho kukaBarker, nakuba ezakhe ziqhwakele kwi-log kodwa asikho isiqiniseko sokuthi bazobuya kulo mdlalo wabo neKings ngenxa yokuzinikela kwezikaSimo Dladla.
“Babedlala ibhola elihle, bekhombisa nokulangazelela ukunqoba futhi ubona ukuthi bayasibhema impela nokufakaziselwa ukushaya kwabo igoli umdlalo owaphela behamba ngalo phambili. Ngiyezwelana neKings kakhulu ngoba akekho owaziyo ukuthi umdlalo wawuyophela kunjani. Kwaba yishwa nje ababhekana nalo, kanti nesimo abazithola bekusona kwi-log asisihle neze. Sekufanele siqinisekise ukuthi siyanqoba manje, ngoba sesiyazi ukuthi sizobhekana neqembu elizokwenza konke okusemandleni ukuthola amaphuzu aphelele.”
Nakuba uBarker ezwakala ekujabulela ukuthi lo mdlalo uhlehlile, kodwa uthe kuyamkhathaza ukuthi sebehambe ingxenye enkulu yeNingizimu Afrika emasontweni amathathu. EzikaBarker zisuke eThekwini (ngemuva kwalo mdlalo ohlehlisiwe), zalibangisa eLimpopo ziyodlala neTshakhuma Tsha Madzivhandila zafike zakhala ngaphansi zishaywa ngo 3-2.
“Sesihambe kakhulu kulama sonto amathathu njengoba sesibuyela eThekwini futhi. Ngimincile nje ukuthi ukuhamba lokhu akuzweli kubadlali.”
Ebuzwa ngesicoco seNFD, uBarker uthe: “Sinomdlalo esandleni futhi sibashiya ngamaphuzu amathathu. Ngicabanga ukuthi indawo enhle kakhulu leyo. Sizoqinisekisa ukuthi sibagcina bengemuva kwethu kuze kuphele isizini.”