Ezemidlalo

UBaloyi ufisa iChiefs isike iphethini kwiPirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

UQWEQWE lukanozinti wakudala weKaizer Chiefs, uBrian “Spider-Man” Baloyi, lululeke Amakhosi ngokugcina esikhundleni, uNasreddine Nabi, nangokumsondezela umqeqeshi oluqondayo usikompilo lukanobhutshuzwayo waseMzansi nolimi olukhulunywa abadlali bakuleli.

Isizini edlule iqale yaze yaphela silokhu sisho phezulu isililo sokuthi akukho noyedwa ebhentshini likaNabi owumnsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika.

UBaloyi oyinkakha yeChiefs, uthe baningi abadlali baMakhosi akhuluma nabo yize engeke abasho ngamagama kodwa sikhona isidingo sokusondeza eduze kukaNabi umuntu  ozowenza umsebenzi ofana nowenziwa nguMandla Ncikazi kwi-Orlando Pirates.

Impumelelo yePirates ngaphansi kukaJose Riveiro, osekungumlando ukuthi useqeqesha i-Al Ahly yase-Egypt, ibingeke yenzeke ngaphandle kukaNcikazi ngokubona kukaBaloyi.

Ubelukhuluma nabezindaba ngesikhathi kuneKhabba Cup esongwe ngempelasonto edlule eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

“Njengoba sekukhona iNedbank Cup ekhabetheni iqembu elingakhela phezu kwayo, angiboni kungaba wumqondo ophusile ukuthi iChiefs ihlukane nomqeqeshi,” kusho uBaloyi.

“Yize ngingeke ngande kakhulu kodwa ulwazi enginalo lukhomba ukuthi kumqoka kangakanani ukuthi kubekhona odabuka eMzansi ebhentshini leChiefs.

“Kuyabonakala okungenziwa ngumqeqeshi uma iqembu lingamnika laba badlali abafunayo kodwa okumqoka kunakho konke wukuthi iChiefs isike iphethini kwiPirates. Noma engaselona iphini kodwa uma abadlali bezombuka njengesitebhisi esibheke kuNabi.

“Ngaba nenhlanla ngosuku esanqoba ngalo iNedbank ngakhuluma noNcikazi nokuyilapho ngaqaphela khona ubumqoka bakhe kwiPirates.

“IChiefs inomqeqeshi ongalwazi usikompilo lwaseMzansi. Laba badlali okufanele baphekwe nguNabi abakujwayele ukuzungezwa abantu bebala elimhlophe. Angikusho kabi lokhu kodwa kuyiqiniso ukuthi abafana abaningi bayamenqena umuntu webala elimhlophe. Kunzima kakhulu-ke uma kwayena lowo mqeqeshi edinga utolika. Okudingwa yiChiefs wukusika iphethini kwiPirates, kusondezwe umuntu ozofana nebhuloho phakathi kwabadlali nethimba labaqeqeshi.

“Kubalulekile ukuthi iChiefs ilungise indaba yokuxhumana ingakaqali isizini ezayo bese abaphathi bayo benika uNabi lolu hlobo lwabadlali alufunayo."

Nakuba iChiefs iyiqede ngeNedbank indlala yezinkomishi kodwa nakulokhu iqede isizini yeBetway Premiership ingaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili azoba yingxenye yeMTN8 ngasekuqaleni kwesizini ezayo.