UKHALE ngemidlalo edlule umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ezakhe zihluleka ukudlulela kuma-quarterfinal eCAF Champions League.
ISundowns igcine ithole iphuzu ibambana ngo 0-0 neHoroya A.C yaseGuinea emdlalweni wokugcina wamaqoqo kaGroup C, eLucas Moripe Stadium ngoLwesibili. Bekufanele iSundowns iwine ukuze ibizojoyina iWydad Casablanca yaseMorocco esigabeni esilandelayo.
Nokho ukutatazela nokuhluleka ukusebenzisa amathuba kwabadlali beSundowns kugcine kuholele ekutheni lishabalale iphupho lokuwina iChampions League okwesibili.
IHoroya, etheleke eMzansi idinga ukungahlulwa, yiyona edlulele kuma-quarterfinal emuva kokuqeda endaweni yesibili kuGroup C.
“Sisesimeni esihlukile ngoba sihlulekile ukudlulela esigabeni esilandelayo. Kuyibhadi ukuthi sihlulwe amathuba amaningi okushaya amagoli. Sikwenzile obekufanele sikwenze. Sizamile, sabacindezela. Sigadle ngakho konke esinakho, sanyusa abadlali basemuva sazibeka engozini. Kodwa ibhola linjalo, uma ungawasebenzisi amathuba ekubeni udinga ukuwina, kuphetha kanje. Ngiyayibongela iHoroya nomqeqeshi. Ngibafisela okuhle kodwa. Umdlalo kade siwuphethe, senze konke,” kusho uMosimane.
“Kodwa kwakungafanele sihlulwe iHoroya ekuhambeni. Sashaya amagoli amabili, sekusele imizuzu eyisihlanu sadala ikhona, bashaya igoli.
Sasiphambili ngamagoli amabili, ingekho inkinga. Kodwa umdlalo omkhulu kithina ngowaseTogo (AS Togo-Port). Kwakungafanele sihlulwe kulowo mdlalo. Akukholakali okwenzeka eTogo. Angikaze ngiwubone umdlalo ofana nalona selokhu ngaqala ukuqeqesha. Mangakhi amathuba? Angaphezu kwawanamuhla. Sabhekana nonozinti kathathu. “Sibhekene neWydad sashaya igoli emizuzwini emibili yokuqala, sahamba phambili. Sahuqa ubuthongo, umdlali wethu wacabanga ukuthi ibhola liphumile, wama. Ibhola lagotshwa.
Lowo kwaba yisipho, uKhisimusi. Kubalulekile ukukhuluma iqiniso. Ungasithwa yizinto ezizoshiwo kodwa ubhekane nayo ngqo into. Nakuba sesidlale lo mqhudelwano iminyaka emine ilandelana kodwa siseyizingane.”
Amaqembu adlulele kuma-quarterfinal yiTP Mazembe (Democratic Republic of Congo), ES Setif (Algeria), Wydad Casablanca (Morocco), Horoya A.C (Guinea), Etoile du Sahel (Sudan), Premiero de Agosto (Angola), Al Ahly SC (Egypt) ne-Esperance (Tunisia).
Umqeqeshi weHoroya, uVictor Zvunka uthe: “Bengishilo ukuthi kufanele senze konke okusemandleni. Sibe nenhlanhla uma ubheka amathuba abawatholile. Ngiyazi asidlalanga kahle kodwa inhloso bekuwukudlulela phambili. Silindele noma yiliphi iqembu kuma-quarterfinal. Sifuna ukuhamba ibanga elide.”
UMosimane uhlalelwe wumsebenzi wokugqugquzela abafana bakhe ngaphambi komdlalo womlenze wesibili owandulela owamanqamu weMTN8 neCape Town City eLoftus Versveld, ngeSonto ntambama. Emlenzeni wokuqala iSundowns ikhale ngaphansi ngo 1-0 eKapa.
“Into eyodwa engingayisho okwamanje ukuthi sizoqhubeka nokuhlasela njengoba senzile. Ukungawashayi amagoli kujwayelekile eqenjini. Asinayo inkinga yokwakha amathuba,” kusho uMosimane.