PHEZU kokuba kuneqeqebana labalandeli beKaizer Chiefs eseliqala ukumngabaza umqeqeshi omusha uGiovanni Solinas kodwa usamile ekutheni kukhulu okuzayo eNaturena.
USolinas usale ejabhile iChiefs ikhishwa yiSuperSport United kowandulela owamanqamu weMTN 8 eFNB Stadium. Amakhosi ahlulwe ngo 1-0 wegoli likaBradley Grobler owashaya amabili emlenzeni wokuqala eLucas Moripe Stadium. Okujabhise uSolinas wukuthi uyayazi ingcindezi akuyo nabadlali yokuletha indebe kwiChiefs. Ubelokhu ekhala ngesikhathi sokufundisa abadlali indlela afuna badlale ngayo nokuyinto abalandeli abangayizwa kahle. USolinas bese ethembile ukuthi uzoyehlisa ingcindezi ngokuwina iMTN 8.
Emuva komdlalo uthe akulahlwa mbeleko ngakufelwa.
“Ngidumele ngomphumela womdlalo ngoba wonke umuntu kwiChiefs ubekubheke ngabomvu ukufinyelela kowamanqamu. Siyadinga ukufinyelela kowamanqamu. Siphunyukwe yithuba lokuwina indebe.
“Kodwa kudingeka sibheke phambili. Yimpilo lena, yibhola leli. Ngisaqede inyanga nesigamu lapha, anginawo umlingo. Sidinga ukusebenza kanzima, sidinga isikhathi. Ngijabule ngabadlali, ngokwami leli qembu lingenza okungcono ngomuso. Ngiyakholelwa kulona. Ngiyasiqonda isimo abakuso abalandeli, abajabulile ngemiphumela. Nami ayingijabulisi le miphumela. Kodwa kufanele sihlabele phambili. Nginesiqiniseko sokuthi ngokuhamba kwesikhathi iqembu lizoyithola imiphumela. IKaizer Chiefs ehamba phambili iyeza, ayikabonakali,” kusho uSolinas.
IChiefs iyoze ibuyele enkundleni ngoSe-pthemba 15 uma isivakashele iCape Town City emdlalweni we-Absa Premiership eKapa. Lokhu kungenxa yamasonto amabili emidlalo yamazwe yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. Leli khefu linikeza uSolinas ithuba lokuqala lokuqeqesha iqembu ngendlela afisa ngayo.
“Ikhefu le-FIFA liyithuba elihle lokunyusa ukuba qatha kwabadlali. Abadlali abafana noLebo Manyama kufanele basebenze kanzima ukuze bafinyelele lapho. Ngiyaphinda futhi, ngiyakholelwa kuleli qembu. Yisikhathi esinzima kithina okwamanje kodwa ngiyakholelwa kubona (abadlali). Nginesiqiniseko sokuthi ngokuhamba kwesikhathi izoqala ukubonakala imiphumela,” kusho uSolinas. IChiefs ayikanqobi kwiligi emidlalweni emihlanu. Idlale kane ngokulingana, yashaywa kanye.