UYAZITHETHELELA unozinti weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, ophume enkundleni echiphiza izinyembezi emuva kokwenza iphutha eliholele ekutheni amaBrazilians aphunyukwe amaphuzu amathathu emdlalweni we-Absa Premiership eLoftus Versfeld ngoLwesibili ebusuku.
ISundowns igcine idlale ngokulingana ngo 1-1 nePolokwane City emdlalweni oqale sengathi izozidlela amahlanga.
ISundowns ibekwe phambili nguThemba Zwane umdlalo usanda kuqala esiwombeni sokuqala.
Nokho sekusele amanenjana ngaphambi kokuthi kuphele lesiwombe uSelulani Phiri, ungqofe ibhola laqonda ku-Onyango, walibamba walidedela. Ngesikhathi ezama ukuliqhwanda, walithinta ngonyawo langena phakathi. ISundowns iphunyukwe yithuba lokulingana ngamaphuzu neBidvest Wits esicongweni se-log yePremiership.
U-Onyango wenze iphutha emasontweni adlule ngesikhathi iSundowns ibhekene neHighlands Park. ISundowns igcine iwine ngo 2-1.
“Sonke siyawenza amaphutha. Akufanele ngehlelwe wukuzethemba nefomu kodwa kufanele ngibekezele. Kufanele ngiyilwele indawo yami. Angikwazi ukuyibalekela ngoba ngenze amaphutha ambalwa kule midlalo embalwa. Kufanele ngilwe,” kusho u-Onyango.
U-Onyango uke wasematheni ngemuva kokuphumela obala ethi ungcono kuno-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs.
Lokhu kwamukelwe ngezindlela ezingafani ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.
U-Onyango usanda kuqokwa njengonozinti ohamba phambili e-Afrika kwi-CAF Goalkeeper of The Year wafakwa naseqenjini labadlali abawu-11 abahamba phambili e-Afrika.
KwiSundowns useneminyaka ezitamuzela ijezi kumqeqeshi uPitso Mosimane.
Emuva komdlalo nePolokwane, uMosimane uqhakambise imisebenzi emihle abayenzelwe ngu-Onyango.
“Unozinti ohamba phambili e-Afrika wenze iphutha. Kufanele uhlale ukulindele ukuthi kunamaphutha amabili okungenani azokwenzeka ngesizini.
“Ayenzeka ngisho kubadlali bamaphakathi emuva. Kufanele ukwamukele.
“E-Asec (bedlala ne-Asec Mimosas) wenze izimanga. Namuhla wenze iphutha sikhuluma okuhlukile? Cha. Usesitakule izikhathi eziningi kakhulu. Ngesikhathi sekhefu ngimtshelile ukuthi akakhumbule yonke imidlalo asitakule kuyo, ngathi kufanele aqine.
Amaphutha siwabona wonke amasonto.”
ISundowns izobhekana neWits emdlalweni wePremiership ozoba seBidvest Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
U-Onyango uthe: “Kuhle ukuzwa umqeqeshi ekhuluma kanje. Akulula nakuyena ngoba uyaqhubeka nokungithemba kodwa ngenza amaphutha.
“Kodwa kufanele ngibhekane nesimo njengoba sinjalo ngiqhubeke ngibheke phambili.
“Emdlalweni olandelayo sizobhekana neWits, angikwazi ukubuna, ngilokhu ngicabanga umdlalo odlule. Kufanele ngiqhubeke nokulwa. Wonke umuntu uyangeseka, bekufanele ngenze kangcono ngoba silahlekelwe amaphuzu amathathu. Kodwa ibhola linjalo,” kusho u-Onyango.
“Ngomzuliswano wesibili wesizini wonke umuntu ulwela amaphuzu.Thina sibheka umdlalo ngamunye sifune ukuthola amaphuzu agcwele ukuze sidlule iWits ehlezi esicongweni kodwa kuhlala kunzima.
“Kufanele sijuluke. Bayiqembu eliphezulu elifuna ukuhlala esicongweni. Kuzoba nzima. Kodwa ngiyakholwa wukuthi uma sike sahlala esicongweni se-log, sekuyoze kuphele isizini.”