INKUNZIMALANGA yesitobha, uMbulela “OJ” Mabizela esanda kudalula ukuthi iyaliyeka ibhola, iphumele obala ngokuthi kwayiphatha kabi ukusheshe ibuye e-England lapho yayisithole amadlelo aluhlaza kwiTottenham Hotspur edlala kwi-English Premier League.
Ngo-2003 uMabizela (37) wadonsa iso lezinhloli zeSpur ngesikhathi ifike eNingizimu Afrika idlala ne-Orlando Pirates ayeyibamba kuyona. IBucs yanqoba lo mdlalo ngo 2-1.
“Kwakuyiphupho lami ukuthi ngelinye ilanga ngiyodlala kwamanye amaligi amakhulu phesheya. Ngesikhathi okwenzeka ngaso ngangingalindele yize saya emdlalweni ngizitshela ukuthi ngifuna ukushaya into ecokeme,” kusho uMabizela.
Uthe yonke into yenzeka ngokushesha okukhulu.
“Ngangingazi lutho ngezwa sengibizwa umunt’omdala (u-Irvin Khoza) ehhovisi engitshela ukuthi laba bantu bayangifuna. Ngahamba ngaya khona ngahlala amasonto amabili ngihlolwa isimo sempilo. Ngemuva kwalokho ngabuya ngalungisa amaphepha ngase ngiyahamba.”
UMabizela waba nemidlalo eyisishiyagalolunye kwiSpurs washaya igoli elilodwa okusakhulunywa ngalo namanje.
“Ngangingenakho ukungabaza ukuthi enkundleni ngizofike ngiwenze umsebenzi. Isipiliyoni sokudlala kwiPirates nakwiBafana Bafana sangisiza kulokho. Kodwa ngokwempilo ngangingakakulungeli ukuyohlala ngedwa ezweni elikude kule minyaka engangikuyona. Ngicabanga ukuthi yilokho okwaba nomthelela endleleni engagcina ngiziphathe ngayo,” kuqhuba uMabizela.
Wayeneminyaka engu-22 ngesikhathi ehamba. Imibiko yayiveza ukuthi inkontileka yanqanyulwa ngenxa yokugxila ophuzweni oludakayo phesheya kwezilwandle.
“Yebo kwaba yikhona lokho,” kube yimpendulo kaMabizela eqinisekise le mibiko.
“Akungiphathanga kahle ukusheshe ngibuye. Nganginethemba lokuthi ngizohlala isikhathi eside kwazise kwakungeyona into elula ukufinyelela khona uma ngibheka lapho engisuka khona. Nami ngiqala ukudlala ibhola ngangihlezi ngizikhuthaza ngokuthi ngifuna ukuyodlala kumaligi amakhulu. Ngakho indlela yami yokuziphatha yaba nomthelela (ekutheni akhonjwe indlela),” kusho uMabizela.
Ululeke abadlali abasakhula nabanesifiso sokuya phesheya ukuthi bafunde emaphutheni akhe.
“Bayabadinga abantu abazobeluleka ngaso sonke isikhathi bazi ukuthi izidakamizwa notshwala akubuyiseli,” kusho uMabizela.
Uthe esebuya phesheya akazange akhulume noKhoza njengoba wayesebheke kwiMamelodi Sundowns. NgokukaMabizela ezinye izigigaba ezimehlakalele kunobhutshuzwayo uzozidalula encwadini asezinhlelweni zokuthi ibhalwe.