UNOZINTI wakudala we-Orlando Pirates osevimbela AmaZulu FC, uRichard Ofori, akafuni bazithathe kancane eZimnyama abazobhekana nazo emdlalweni weBetway Premiership wokuvala isizini eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo
Image: Isithombe: BACKPAGEPIX
ISITHENJWA saMaZulu esavimba iminyaka emine kwi-Orlando Pirates, uRichard Ofori, sixwayise ozakwabo ngobungozi bokuyela ngobuso eZimnyama emdlalweni wabo wokusonga isizini yeBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Nakuba iPirates iqoqe amaphuzu agcwele ngoLwesithathu, kwiSuperSport United kodwa kuqaphelekile ukuthi abadlali bayo bakhathele ngenxa yenqwaba yemidlalo asebeyigijime kule sizini ngokwahlukana kwemiqhudelwano.
Leli qembu elisanda kushiywa ngumqeqeshi, uJose Riveiro, ngeke lisagudluka endaweni yesibili kwi-log yePremiership, okwenza kube nomuzwa wokuthi abadlali abasawufaki ngokugcwele umfutho.
U-Ofori owadlalela iPirates amahlandla angu-35 kusukela ngo-2020 kuya ku-2024, akafuni lokhu kubabuse ekhanda ngoba kungabaphoxa ekubeni benethuba lokusonga isizini ngokudla amaphuzu bebhekene nelinye lamaqembu abengcono e-Afrika kule sizini.
“Kulindelekile ukuthi iqembu elibe nesizini ende njengePirates lehlise umgqigqo ngemidlalo yokugcina kodwa lokhu akusho ukuthi kufanele siye ngobuso kulo mdlalo,” kusho u-Ofori sakuxwayisa.
“Imidlalo yabo emibili edlule ekuhambeni bayiwine bedlala ngomfutho ogculisayo kwiGolden (Arrows) nakwiSuperSport (United), ngakho-ke lokho kukhomba ukuthi kufanele sizibambe ziqine ngoMgqibelo.
“Okufanele sigxile kukhona ukuthi sizokwenzenjani ukuqinisekisa ukuthi amaphuzu agcina ngakithina. Okuzosisiza ukuthi sikhumbule ukuthi sibhekene nePirates.
“Ukuthi umqeqeshi wayo uhambile noma usekhona akusho lutho ngoba ekugcineni sibhekene nelinye lamaqembu athathwa njengamakhulu ebholeni lase-Afrika.
“Igama lePirates lilodwa linesithunzi. Lokhu kwenza abadlali abanikwe ithuba bafune ukudlalela ukufa nokuphila. Sinethuba lokusonga isizini ngewini sibhekene nelinye lamaqembu abengcono kule sizini."
Nakuba esekhona amaqembu asengafica AmaZulu kumaphuzu angu-34 kodwa wonke awabukeki engagudluza leli qembu eliphekwa u-Arthur “10111” Zwane kwi-Top 8, ngoba asalele emuva kulona uma kuyiwa ezibalweni zamagoli.