IMENENJA kaLuc Eymael ithi kungenzeka lo mqeqeshi ayifulathele iNingizimu Afrika njengoba kunenqwaba yamaqembu akhele izwekazi i-Afrika amfunayo.
UMike Makaab wePro Sport International, uthe seziningi kakhulu izicelo esezifikile kuye ziqhamuka emaqenjini ahlukene ezwenikazi i-Afrika.
Kuhlukane inhloko nesixhanti ku-Eymael neFree State Stars ngeledlule, ngemuva kokugqoza kwemiphumela. Lo mqeqeshi ushiye i-Ea Lla Koto isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log, ngamaphuzu awu-13, emidlalweni ewu-14.
IStars beyisanqobe kuphela imidlalo emithathu kwiligi selokhu kuqale isizini.
“Iqiniso ukuthi sifuna ukumzamela iqembu ahlale kuleli ngoba umsebenzi wakhe uyazikhulumela. Kodwa ngiyafisa ukukusho ukuthi kunenqwaba yamaqembu ase-Afrika amfunayo. Nakuba ngingeke ngawadalula kodwa uma ebeka etafuleni into esiyifunayo, ngicabanga ukuthi uyogcina ehambile,” usho kanje uMakaab.
Elinye lamaqembu okuke kwabikwa ukuthi lifuna uthuli u-Eymael, iKaizer Chiefs. Ngemuva kokuputshuka kwemibiko ethi umqeqeshi weChiefs, uGiovanni Solinas ucushiwe kuleli qembu ngabe lokho kusho ukuthi u-Eymael ungomunye wababhekwe yiChiefs?
Akukho okusha ngokuqeqesha kuka-Eymael emazweni ase-Afrika njengoba enerekhodi elihle namaqembu ake wawacija.
Kusuka ngo-2010, lo mqeqeshi odabuka eBelgium, uqeqeshe i-AS Vita yaseDemocratic Republic of Congo. Ufike kuleli qembu wanqoba isicoco seligi, laphinde lanqoba isicoco iSuper Coupe du Congo ngo-2011.
Usuke lapho wayopheka iMissile yaseGabon ngawo u-2011. Unqobe nayo isicoco iChampionnat National D1. Useke waqeqesha nase-Algeria kwiMC Oran, wadlulela nakwi-A FC Leopards yaseKenya.
Udlulele kwiRayon Sports yase-Uganda, naseTunisa kwiJS Kairouan. Udlule nase-Oman lapho ayepheka khona i-Al-Nasr naseSudan kwi-Al-Merrikh.
Kuleli ucije iPolokwane City neFree State Stars anqobe nayo iNedbank Cup ngesizini edlule.