UMQEQESHI weMaritzburg United, uMuhsin Ertugral, uqinise abalandeli idolo ngokuthi bangalokothi baphonse ithawula eqenjini labo ngoba iseminingi imidlalo yokuguqula isimo iTeam of Choice eibhekene naso.
Umqeqeshi ukusho lokhu ngoLwesithathu ebusuku eqeda ukudedela amaphuzu ekhaya ekhala ngaphansi ngo 2-1 kwiFree State Stars emdlalweni we-Absa Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Lapha iMaritzburg iqhubekile nokudlala into engayi phambili kodwa okuhlukile kulokhu wukuthi iyona ewabone kuqala lapho egxunyekwe ngakhona amapali ngonyawo lukaDoelin Mekoa. Nokho iphinde yavumela izivakashi ukuthi zishaye amagoli amabili yashaywa kanjalo.
Okuqaphelekile lapha ngemuva komdlalo wukuthi abalandeli beMaritzburg bebekhombisa izimpawu zokulahla ithemba. Bebechaya izandla kucaca ukuthi abaningi sebeliphonsile ithawula ngeqembu labo.
Iqembu elisashaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-16 akwethusi ukuthi kube yilona elibambe ibhuleki. Lisaphumelele ukunqoba kanye nje vo kusuka kuqale isizini.
U-Ertugral obekungumdlalo wakhe wesibili kusuka ethathe lo msebenzi, ukholwa wukuthi iseminingi imidlalo abangaguqula ngayo lesi simo. Phakathi kwezinto akhala ngazo ukulinyalelwa yinqwaba yezithenjwa.
“Ngifike iqembu lisashaye amagoli amahlanu emidlalweni engu-15 ngakho-ke elilodwa emidlalweni emibili liyathembisa. Ngabe benza iphutha elikhulu abalandeli uma bengaphonsa ithawula ngoba kuningi engifike kungalungile kodwa sekuyakhanya manje. Ngifike kukhona umgadli oyedwa. Sebezoba babili kumbe babe bathathu ngoba noMohau (Mokate) uyelulama. Akukho okufanele sikwenze ngaphandle kokuzigxeka thina ngoba konke okwenzeke kulo mdlalo kungenxa yobudedengu bethu. Zizolunga zonke lezo zinto ngesikhathi esikahle sebeluleme bonke abadlali bethu njengoba kuzokwenzeka nangoFortune (Makaringe),” kusho lo mqeqeshi.
Uvumile ukuthi isimo sibi futhi nabadlali sebeqala ukugebisa amakhanda ngenxa yendawo abahleli kuyona kodwa yikhona lokhu akulandelwe.
“Ngesonto elizayo kuzobe sekucaca. Ngikholwa wukuthi sinawo amava okuphuma lapha. Ngihlela ukuqasha abanye abathile abazoba wusizo kithina ngoba lesi simo esibhekene naso asisihle kodwa kusezandleni zethu ukuzikhipha. Imidlalo isekhona futhi miningi,” usho kanje. Umdlalo weMaritzburg olandelayo izowudlala neMamelodi Sundowns.