UKUFUNA ukuphathwa ngezandla ezintofontofo komgadli weCape Town City, uKermit Erasmus, ngesinye sezizathu umqeqeshi weBafana Bafana athi senze wangambiza esikwatini esizobhekana neLibya ngesonto elizayo.
UBaxter uqoke abadlali azoya nabo eTunisia lapho bezodlalela khona ngoMashi 24 owokugcina wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-Egypt ngoJuni.
IBafana kumele ingahlulwa kulo mdlalo ukuqinisekisa ukuthi iyaya kwi-Afcon, eyibuke nezihlwele ngo-2017.
Kukhona abebekholelwa wukuthi ifomu anayo u-Erasmus imkhomba kwiBafana. Useshaye amagoli amathathu kwiCity selokhu eqale ukubonakala kulo nyaka.
Ligcina igama lakhe ukuhlanganiswa neBafana wayenqabe ukuzovala isikhala sikaTokelo Rantie eqenjini lesizwe ngo-2015.
Wabhala ekhasini lakhe lika-twitter ukuthi “angisiye umdlali wokuvala izikhala”. Lokhu kwamcasula owayengumqeqeshi u-Ephraim “Shakes” Mashaba kwagcina kubizwa uThamsanqa Gabuza.
UBaxter uthe u-Erasmus ubengomunye wabadlali abebacabanga futhi ababhekile ngesikhathi ehlanganisa iqembu lakhe.
Uthe wakhuluma nomqeqeshi weCity, uBenni McCarthy, encoma umsebenzi awenza ku-Erasmus.
“UBenni wenza umsebenzi oncomekayo kuKermit. Esinye sezizathu esenza enze kahle wukuthi uKermit uwuhlobo lomdlali olwenza kahle uma luzibona ukuthi luyakhonjiswa ukuthi lubalulekile. UKermit uba nenkinga uma ezibona ebekwe eceleni ngoba uzizwa engabalulekile ebe ezibona engumdlali obalulekile futhi uwuye umdlali obalulelekile. Njengamanje uyazizwa eKapa ngakho ngibone ngingeke ngikwazi ukumnikeza isimo esifanayo eqenjini lesizwe. Ngaleso sizathu ngibone ukuthi ngeke azinikele ngokugcwele,” kusho uBaxter.
Uthe esinye isizathu sokungamqoki wukuthi ubengadlali emasontweni amahlanu edlule.
IBafana izohlangana ngempelasonto bese ibhekisa amabombo eTunisia iyokwenza khona amalungiselelo ayo.
Abadlali be-Orlando Pirates nabeMamelodi Sundowns ababizelwe esikwatini bazohlangana nabanye abadlali khona eTunisia. IPirates neSundowns banemidlalo yasekuhambeni yeCAF Champions League ngempelasonto.
UBaxter uthe uKeagan Dolly noBongani Zuma abadlala eFrance ababuya ekulimaleni bazohlolwa uma sebefike ekhempini ukuthi bazokwazi yini ukudlala koweLibya.