Ezemidlalo

U-Arendse netulo lokubalekela izembe ngePirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

UKUBHEKANA ne-Orlando Pirates eseyazi ukuthi noma kungenzekani akukho okusengayigudluza endaweni yesibili kwi-log yeBetway Premiership, kungase kube yisibusiso osekuphele izinyanga isithandazela iSuperSport United ngokubona kwebamba lomqeqeshi wayo, u-Andre Arendse.

ISuperSport ehleli ngesinqe esisodwa esigabeni esikhulu kwazise ibalwa namaqembu asengozini yokugencwa yizembe ekupheleni kwesizi, izokwamukela iPirates koweligi namuhla ngo-7.30 ebusuku, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Leli qembu lasePitoli elibalwa nangakaze agencwe yizembe kusukela kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL), libambene neCape Town City ngamaphuzu angu-26.

Ngemuva kokubhekana nePirates, lizosalelwa umdlalo wokusonga isizini ekhaya neRichards Bay FC. Omunye okufanele bawuqedele neLamontville Golden Arrows ngoba wamiswa wukuphela kukagesi kodwa akukaze kushiwo lutho ngawo.

Ngokuka-Arendse obekhuluma ngemuva kokushaywa yiStellenbosch FC ngempelasonto edlule, likhona ithuba lokubalekela izembe ngePirates ngoba akusekho ekudlalelayo.

Ngokwezibalo, iPirates ngeke isagudluka endaweni yesibili. Lokhu kwenza u-Arendse abone ithuba kuleli qembu elisanda kushiywa yisithandwa somqeqeshi, uJose Riveiro.

IPirates ishiywe umqeqeshi nje, iphinde yakhishwa kowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League ngaphambi kokushaywa yiKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup.

“Yize owethu ube mubi kodwa umphumela otholwe yiPirates (ibambana ne-TS Galaxy) kufanele usikhuthaze ngoba ukhomba ukuthi uma sizimisele ngokugcwele kukhona esingakuthola kuyona,” kusho u-Arendse.

“Akusekho abasakudlalela ngakho-ke kukithina ukuthi sibathwese ubunzima ngoba thina kusekhona futhi kukhulu esisakubhekile kule sizini.

“Yimbi indawo esihleli kuyona kodwa akekho ongasisusa kuyona ngaphandle kwethu. Kuliqiniso ukuthi sizifake thina kulolu bishi esikulona kodwa angingabazi ukuthi abadlali bokuzitakula kulona sinabo. Ngibona ithuba lokuzikhulula kowePirates."

UMandla Ncikazi obambile kwiPirates kuze kuphele isizini, uzofuna ukuwina kwazise iGalaxy imphuce iqatha esebalile kowangempelasonto.

“Kuningi esikufundile ngomphumela weGalaxy ngakho-ke lezo zifundo kufanele sikhombise ukuthi sizitholile ngomdlalo olandelayo neSuperSport,” kusho uNcikazi.