UMDLALI weqembu lesizwe lasiNingizimu Afrika lekhilikithi amaProteas, uHashim Amla, uthi umqhudelwano omusha we-T20 obizwa ngeMzansi Super League (MSL) akufanele uqhathaniswe ne-Indian Premier League (IPL).
I-IPL iyona ekhonyayo emiqhudelwano ye-T20, kanti nasemalini iyona eholela kangcono kunayo yonke imiqhudelwano ye-T20 ekhona emhlabeni jikelele.
U-Amla uthe nakuba kuyithathe isikhathi eside iCricket South Africa (CSA) ukusungula umqhudelwano othi awufane ncamashi ne-IPL kodwa lokho akusho ukuthi sezizothi zibekwa nje bese ufana ne-IPL.
“I-IPL isidlalwe iminyaka eyishumi, kanti uma ubuka iMSL kuzoba wunyaka wayo wokuqala lona. Akufanele abantu baseNingizimu Afrika balindele ukuthi iMSL isizofika ezingeni le-IPL. Ngicabanga ukuthi kungakuhle abalandeli bekhilikithi baweseke lo mqhudelwano ngezinhliziyo ezimhlophe, beyeke okunye kuzenzakalele. Empeleni nayo le miqhudelwano esithathwa njengemikhulu njengamanje isike yaba nezayo izinkinga kodwa kuthe iminyaka uma iqhubeka bazilungisa. I-MSL ayinikwe ithuba lokuba ikhule ngendlela efanele ngaphandle kokuphazanyiswa,” usho kanje u-Amla eseKingsmead Stadium.
Eqhubeka echaza * -Amla, uthe iNingizimu Afrika iyathandwa ngamazwe aphesheya ngoba iyindawo enhle yokudlalela ikhilikithi.
“Angingabazi ukuthi izokhula iMSL, ngoba abadlali nezihlwele zakwamanye amazwe aphesheya ziyakuthanda ukuvakashela kuleli zizodlala ikhilikithi. Isimo sezinkundla sisezingeni eliphezulu kakhulu ngakho amagama ahlonishwayo asazolokhu etheleka kuleli. Ngaphandle nje kokudlala ikhilikithi kuningi okwenziwayo kuleli okuheha izihambi. Uma nje ulapha eThekwini uyakwazi ukuziyela olwandle, nokunye okuningi,” kubeka u-Amla.
Lesi sethenjwa samaProteas, asibanga yingxenye yeqembu elivakashele e-Australia ngenxa yokulimala umunwe. U-Amla uthe nakuba kumphazamisile ukulimala wangadlala kwelesizwe kodwa unethemba lokuthi uzobuyela kungekudala.
“Kungiphazamisile ukulimala kodwa angidikibele neze. Obekubalulekile kimina ukuthi ngilulame, nakuba kungithathe isikhathi kodwa sengigcine ngiluleme. Ngiyazi ukuthi uma ngidlala kahle ithuba ngizogcina ngilitholile,” kucacisa u-Amla.
IDurban Heat izovula neCape Town Blitz ngeSonto, eKingsmead Stadium. Umdlalo uzoqala ngo-11 ekuseni.