UMAKADEBONA ekhempini yeqembu lesizwe lekhilikithi laseNingizimu Afrika amaProteas, uHashim Amla, ubona besazoqhubeka nokugila izimanga abadlali ababili abasebasha, inqobo nje uma bezoqhubeka nokunikwa ithuba lokudlala.
AmaProteas kawayiqalanga kahle imidlalo yosuku olulodwa eshaywa yiPakistan ngamawikhethi amahlanu emdlalweni obuseSt Georges Park, ePort Elizabeth, ngoMgqibelo. Lokhu kusho ukuthi izivakashi zihamba phambili ngo 1-0 emidlalweni ewuchungechunge emihlanu yosuku olulodwa.
Namhlanje ezika-Ottis Gibson zizobhekana nePakistan emdlalweni wosuku olulodwa wesibili eKingsmead Stadium, eThekwini, ngo-1 emini.
U-Amla uthe uchazekile ngesibindi esikhonjiswe uRassie van der Dussen (owenze ama-run angu-93 emabholeni awu-101) noReeza Hendricks (owenze 45 emabholeni angu-67).
UVan der Dussen bekungumdlalo wakhe wokuqala kumaProteas ngoMgqibelo. Ngokusho kuka-Amla lukhulu olusazokwenziwa yilaba badlali bobabili uma benikwa ithuba.
“Bekungelula neze ukubhetha eSt Georges Park,” kusho * -Amla owenza ama-run awu-108 emabholeni awu-120.
“URassie ubhethe kahle kakhulu, ngigculisekile indlela adlale ngayo. Akusoze kwaba lula ukudlala umdlalo wakho wokuqala kwelesizwe ngoba kuba novalo oba nalo. Empeleni kuthatha amabhola awu-20 noma 30 ukuthi ujwayele bese kwehla novalo. Nokho yena ube nesibindi, wangalugqiza qakala lolo valo, washaya into ecokeme. Omunye umdlali ongigeze igilo wuReeza oke wathwala kanzima kwelesizwe izinto zingamhambeli kahle. Udlale kahle kakhulu ePort Elizabeth, ngikholelwa ekutheni uma enikezwa ithuba usazoveza lukhulu,” kusho * -Amla.
Abadlali abaphunyuziwe kumaProteas ngoMgqibelo uDale Steyn ongumshwibi noQuinton De Cock okulindeleke bebuye kungekudala. Bangase badlale emdlalweni wesithathu eCenturion, ePitoli, ngoLwesihlanu.