I
XOLILE MPISANE
Nigeria (1) 1
Egypt (0) 0
INigeria izibeke endaweni enhle kwi-Group D ngesikhathi ivula umqhudelwano we-Africa Cup of Nations ngokuguqisa i-Egypt ngo 1-0 eRoumde Adija Stadium, eGaroua ngoLwesibili ebusuku.
Igoli eliweze iqembu lika Augustine Eguavoen kulo mdlalo livalelwe nguKelechi Iheanacho, ogijima kwiLeicester City e-England.
EzikPharaoh zibhekane nengwadla zisuka ngesikhathi bephoqeleka ukuthi benze ushintsho ngomzuzu ka-11. U-Akram Tawfik, obedlala emuva ngakwesokudla, ulimale edolweni indawo yakhe yathathwa nguMohamed Abdelmonem.
ISuper Eagles isebenzise lolo hlangothi ukuhlasela njengoba uMoses Simon, ebebhoke ngejubane eqhamuka kwesokunxele. Ngomzuzu ka-26 uthole ibhola ebelivela kuJoe Aribo kodwa ibhola lakhe lashaya inethi eseceleni.
Igoli lingene ngemuva kwemizuzu emine ngesikhathi i-Egypt yehluleka ukukhipha ibhola ebeligotshwe nguSimon. U-Aribo ulibekele u-Iheanacho phansi ngekhanda, olicishe kanye ngedolo waqede walidubulela enethini lingakathinti phansi.
Iqembu laseNigeria belingenavalo ngesiwombe sokuqala kwazise oPharaoh bebengaliboni elidlalayo, behluleka nokuphakela abagadli abebeholwa nguMohamed Salah ibhola.
INigeria iqhubekile nokuphokophela phambili izama ukuvula igebe kodwa uWilfred Ndidi, ulibeke eceleni ekhahlela ekude ngomzuzu ka-39, u-Taiwo Awoniyi waliqondisa kunozinti uMohamed El Shenawy ngoka-42.
Abakuxoxe ngesikhathi sekhefu akulisebenzelanga iqembu likaCarlos Queiroz njengoba ibisalokhu ingenile iNigeria nangasekuqaleni kwesiwombe sesibili. U-Iheanacho uvezele u-Awoniyi iphasi enhle kodwa ibhola lakhe lashaya kwi-crossbar.
U-Iheanacho uwatholile amathuba okwengenza egolini lakhe kodwa wahluleka ukuwasebenzisa. Bekumele aliqondise epalini okungenani ngomzuzu ka-66 emuva kokutholwa nguNdidi kwesokunxele, wakhetha ukulibeka eceleni.
USalah uthole ithuba lakhe lokuqala kulo mdlalo ngomzuzu ka-72 ecisha ibhola ebeleqiswe nguRamadan Sobhi eyedwa ebhokisini, kwasebenza unozinti weNigeria, uMaduka Okoye, ophume ngokushesha epalini.
Izamile i-Egypt ukuthola igoli lokulinganisa ngemizuzu yokugcina, iNigeria isihlasela ngesivinini uma ithola ibhola, kodwa akubanga kusangena goli, umdlalo wagcina uphele ngo 1-0.