UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ufuna balwe kuze kufike ekugcineni emjahweni wesicoco seligi ye-Absa Premiership oholwa yiMamelodi Sundowns.
IChiefs inciphise igebe lamaphuzu phakathi kwayo neSundowns eseqhulwini ngawu-38.
Amakhosi abuyele endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-34 emuva kokwehlula iCape Town City ngo 1-0 wegoli likaRyan Moon emdlalweni weligi eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ebusuku.
Emuva kwamasizini amabili nesigamu uKomphela engawini nesokubika isicoco, kubukeka limgidela elakubo kulokhu. Ubekade engaphumeli obala uma ebuzwa ngamathuba esicoco seligi ezinyangeni ezedlule.
Nokho ngemuva komdlalo weCity uzwakele ukuthi usenethemba. Kungenzeka kube yisizini yokugcina yakhe eNaturena ngoba inkontileka yakhe ayikavuselelwa.
“Iseminingi imidlalo esazodlalwa, iyisishiyagalolunye. Emuva komdlalo uBenni (McCarthy) uze kimina wathi sisethubeni, asiqhubeke. Kodwa ngithe kuyena nawe awukaphumi (embangweni), umehluko ngamaphuzu amathathu kuphela. Ngakho nabo basekhona. Yimidlalo eyisishiyagalolunye esazodlalwa, maningi kakhulu amaphuzu asazodlalelwa. Luselude ukhalo,” kusho uKomphela.
“Ukuthi sinethuba lokushisa umbango esicocweni njengoba sisele ngamaphuzu amane, ngingathi yebo. Likhona ithemba. Futhi sibheke ukuyibamba ishisa kuze kufike ekugcineni. Kodwa nayo iCape Town City ayikaphumi. Ungasho ukuthi kuphelile uma sekucaca kahle ngokwezibalo ukuthi ngeke usenza lutho. Ngasohlanguthini lwethu ukuwina kuzonyusa ukuzethemba kuphinde kukhombise ukuthi singathanda ukuyiwina indebe. Kodwa ngeke ize kalula njengoba sicabanga, kusafanele silwe, siyijulukele.”
UKomphela usebhekane nazo zonke izimo kwiChiefs kusukela eqale ukuyiqeqesha ngo-2015. Kukhona isikhathi lapho ebhekane khona nezinhlamba ebezikade zivela kubalandeli bekhombisa ukungayithokozeli imiphumela.
Nokho ngoMgqibelo ebusuku bebecula amaculo enjabulo eFNB, bethakasela ibhola elihle ebelidlalwa yiqembu labo.
“Kunoma yimuphi umqeqeshi kwiChiefs akufanele kube ngaye kodwa ngokwenziwa eqenjini. Kunesikhathi lapho eGermany iBorussia Dortmund yayingenzi kahle khona kodwa yayibukwa abalandeli abaningi. Lokho kwenza kube nombuzo wokuthi wukudlala kahle kweqembu okwenza abalandeli beze enkundleni noma beza ngoba udlala kahle. Umsebenzi wethu njengabadlali nabaqeqeshi wukwenza isiqiniseko sokuthi sidlala kahle ukuze bezothokoza abantu abakhokhela ukuzosibuka.Yenza lokhu okudingekayo. Uma abalandeli bebhiyoza kuhle. Kunika abadlali ukuzethemba. Uma abadlali bengenzi kahle siyabadinga, noma kanjani.”