UMQEQESHI weqembu lesizwe lebhola, uDesiree Ellis, uthi ukungena kwiNdebe yoMhlaba kuzoba yindlela yokubonga kubona bonke ababasekile ebholeni labesifazane.
U-Ellis ubekhuluma ngemuva kokuthi iBanyana Banyana izibekisele indawo kwi-African Women Nations Cup ezoba seGhana ngoNovemba.
IBanyana ikwenze lokhu ngokubhaxabula iLesotho emdlalweni womlenze wesibili wokuhlunga. Inqobe ngo 6-0 eBloemfontein ngempelasonto. Yayinqobe ngo 1-0 ekuhambeni.
“Ayibuzwa leyo (ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba). ISasol isanda kusivuselela inkontileka. Uma sizibekisela indawo sizobe sibonga kubona, kwiSafa nakubalandeli ngokuseseka. Sizobe singazenzeli thina kuphela kodwa sizobe senzela nalaba abebephambi kwethu. Nginethemba elikhulu lokuthi sizoqhubeka nokubenza baziqhenye ngathi,” kusho u-Ellis obekhuluma kwiSafa.net.
IBanyana isidlale kabili emidlalweni yama-Olympic kodwa ayikaze iye kwiNdebe yoMhlaba. UVera Pauw, obengumqeqeshi ngaphambi kuka-Ellis, wahluleka wukuyisa iqembu eCanada ngo-2015 okwakungeminye yemibandela yakhe. Wonke amehlo namathemba asebekwe ku-Ellis nabadlali bakhe ekutheni bazibekisele indawo emqhudelwaneni oseFrance ngonyaka ozayo. Ukuze bazuze lokhu kuzomele okungenani baqede endaweni yesithathu kwi-Afcon. I-Afrika izomelwa amazwe amathathu.
IBanyana iye emdlalweni wangempelasonto u-Ellis engaphathekile kahle ngokugqoza kwamagoli. Kodwa amagoli kaJermaine Seoposenwe noChantelle Esau abashaye amabili ngokwehlukana, elikaHilda Magaia noLeandra Smeda, amshiye enokuzethemba ngekusasa leqembu.
“Sibe nomdlalo omuhle kakhulu. Sibajabulisile abalandeli abebephume ngobuningi babo. Siyithimba labaqeqeshi siyaziqhenya kakhulu ngalesi sikwati. Namhlanje (ngeSonto) sizikhombisile ukuthi yini esikwazi ukuyenza yize sazi sisengenza okungaphezulu. Uma sesiya kwi-Afcon kuzomele silenyuse izinga ngoba sizobe sesibhekene nabanye abasezingeni elingcono.” IBanyana ibidlala ngaphandle kwabadlali abaphesheya okukhona kubona ukaputeni uJanine van Wyk, Linda Motlhalo noThembi Kgatlana.