INHLOKO yethimba labaqoki kumaProteas, uLinda Zondi, ivuma eyokuthi baphoxekile ngokushaya udaka kweqembu lesizwe lakuleli emidlalweni yochungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa.
AmaProteas abhudluzwe yi-India ngo 5-1 emdlalweni eyisithupha. Elakuleli lisemkhankasweni wokulungiselela iNdebe yoMhlaba ese-England ngonyaka ozayo.
UZondi uthe yize bephoxekile kodwa bathole izifundo ngokudliwa yi-India.
“Ngidumele ngendlela esidliwa ngayo. Ngiphoxeke kakhulu ngendlela ama-batsman ethu aphume ngayo. Yize sishaywe kabuhlungu kodwa kumqoka ukuthi siphume nezinto ezinhle ezizosiyisa phambili ekushayweni kwethu. Le midlalo esilungiselela ngayo iNdebe yoMhlaba sihlose ngayo ukunika abanye abadlali amathuba okuthi basikhombise ukuthi yini abangayenzela iqembu.
“ULungi Ngidi wenze kahle kakhulu. UKlassen (Heinrich) naye udlale kahle kakhulu. Kulolu chungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa siphazamiseke kakhulu kulimala abadlali abamqoka njengo-AB de Villiers, Faf du Plessis noQuinton de Kock. Angizami ukubeka izaba kodwa laba badlali benza omkhulu umehluko uma besenkundleni,” kusho uZondi.
Njengamanje amaProteas asedlala imidlalo emithathu yochungechunge lweT20 ne-India. Ngemuva kwalokho azobhekana ne-Australia emidlalweni emine yama-Test.
“Asikho isidingo sokuthi sitatazele ngokudliwa ngendlela esidliwe ngayo. Okuhle wukuthi sibonile ukuthi yikuphi lapho singazange senze khona kahle. Ama-batsman ethu athwale kanzima kuma-spinners e-India. Kuhle ukuvela kwezindawo esibuthaka kuzona sisekulesi sigaba samalungiselelo. Eminyakeni eyedlule besifike sidlale kahle ngaphambi kweNdebe yoMhlaba noma i-ICC Champions Trophy kodwa sifike kule miqhudelwano emikhulu singenzi kahle,” kusho uZondi.
Izolo amaProteas ashaywe yi-India ngama-run angu-28 kwiT20 yokuqala eWanderers Stadium, eGoli. Umdlalo wesibili weT20 ungoLwesithathu eSuperSport Park, eCenturion, ngo-6 ntambama.