ISILOMO somdlali we-USA uMegan Rapinoe asigcinanga ngokuzakhela udumo nogazi ngokwenza kahle enkundleni njengoba bekuneNdebe yoMhlaba eFrance.
Lo mdlali uphinde wazidonsela abezindaba ngokutshela umengameli wase-USA, uDonald Trump, ukuthi ngeke alubhade eWhite House.
Ngokujwayelekile amaqembu ezemidlalo asuke enze kahle e-USA amenywa ekomkhulu iWhite House ngosuke engumengameli.
URapinoe (34) oyisishoshovu samalungelo abathandana nobulili obufanayo, ebuzwa ukuthi uyosamukela isimemo uma beba ngompetha wathi cha.
UTrump ongazibeki phansi enkundleni yokuxhumana i-Twitter waphendula ngokuthi uRapinoe udelela ifulegi nezwe labo ekubeni kuningi okwenziwe ukusiza yena neqembu.
NgeSonto ngemuva kokuthi uRapinoe esize i-USA yanqoba isicoco sayo sesine seNdebe yoMhlaba, uTrump uphinde wabhala ehalalisela iqembu.
I-USA ishaye iNetherlands ngo 2-0 kowamanqamu eLyon eFrance ngephenathi kaRapinoe obekuyigoli lakhe lesithupha kulo mqhudelwano, nelikaRose Lavelle.
URapinoe ekhuluma nabezindaba emva komdlalo uthe akayiboni inkinga ngokuhhewulwa kukamengameli weFifa, uGianni Infantino ngesikhathi engena enkundleni eyobamukelisa izindondo nendebe. Abalandeli bebememeza bethi kumele abesifazane bakhokhelwe ngokulingana nabesilisa.
URapinoe akazange akubalekele ukukhuluma ngalokhu.
“Anginankinga ngokuhhewulwa (kuka-Infantino),” kusho yena.
“Ngicabanga ukuthi wonke umuntu usekulungele manje ukuthi kukhulunywe ngesigaba esilandelayo (ngamaholo). Ngicabanga ukuthi akusafanele ukuthi kulokhu ukukhulunywa ngokuthi ngabe asifanele, siyamaketheka yini yonke leyo mfishimfishi. Abalandeli bakhathele yilokho ngicabanga ukuthi ngisho nabaxhasi sebekhathele.. Wonke umdlali kule Ndebe yoMhlaba ukhombisile esingakwenza. Kumele le nkulumo iye kwelinye izinga manje ngakho angiboni ukuthi ukuphoxeka (kuka-Infantino) kukhona esekuke kwambulala.”
Iqembu lesizwe lase-USA liyise enkantolo inhlangano yakhona yebhola likhala ngamaholo angalingani.
U-Infantino ekhuluma nabezindaba ngaphambi kowamanqamu uthe bafuna ukukhulisa umqhudelwano weNdebe yoMhlaba usuke emaqenjini awu-24, uye kwawu-32. Wathembisa nokuyiphinda kabili imali isuka ku-$30 million nokho izobe isephansi kakhulu uma kuqhathaniswa no-$400 million ofakwa emqhudelwaneni wabesilisa.