umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic, uhlela ukushovela kwalasha umkhaya wakhe uNikola Kavazovic osenkingeni yezembe kwiFree State Stars.
IPirates izokwamukela iStars emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, namuhla ngo-8.15 ebusuku. EZimnyama zihambela phezulu kulandela ukuvula igebe lamaphuzu amathathu phakathi kwazo neMamelodi Sundowns esicongweni se-log yePremiership emuva kokuxebula iBaroka ngo 2-0 phakathi nesonto.
USredojevic noKavazovic baphuma eSerbia bobabili. UKavazocic ufike kwiStars maphakathi nesizini emuva kokuzakhela igama kwiTownship Rollers yaseBotswana ayifake kwiCAF Champions League.
“UKavazovic uyinxusa lesikole sethu sokuqeqesha eSerbia. Ngeke kube lula. Bakhombisile ukuthi bayiqembu elizimisele ukuvika izembe. Sizoba yizimbangi imizuzu engu-90. Emuva kwalokho buyaphela “ubutha”. UKavazovic ulwela ukuvika izembe, silwela amaphuzu okunethezeka esicongweni. Yilokho esikubhekile. Kuzoba nzima. Kufanele azi ukuthi amaphuzu okuvika izembe akawabheke emdlalweni wokugcina wesizini. Siyazi ukuthi udlala nobani,” kusho uSredojevic.
IStars izobuyela enkundleni okokuqala emuva kokushonelwa ngumdlali uSinethemba Jantjie odlule emhlabeni emasontweni adlule engozini yemoto. Ubunzima buzwa obunye kwazise i-Ea Lla Koto isengozini yokugawulwa yizembe. Isendaweni ka-15 kwi-log. Iphambili ngamaphuzu amane kwiMaritzburg United esemsileni ngamaphuzu angu-20.
UMicho uthe kufanele bawaqoqe wonke amaphuzu emidlalweni ebasalele ngaphambi kokuphela kwesizini. Lo mqeqeshi uzwakalise ukungenami ngokuhhewulwa komgadli uJustin Shonga ohlulwe yinqwaba yamagoli koweLeopards. Abalandeli bagcine sebefuna akhishwe. “Siyabahlonipha abalandeli, bayaseseka kodwa futhi babuka ibhola ngezindlela ezingafani. Balibuka ngemizwa. Thina lapha sinikwe umsebenzi yiqembu nangusihlalo ukuthi siqeqeshe. Ngokukhulu ukuhlonipha abalandeli bethu, akufanele sibavumele basilawule. Asilandwanga emgwaqeni. Silethwe lapha ngoba sinakho okwenza sibe lapha. Ukuhlulwa amathuba kuyenzeka. Singenza okubili. Ukumvalela ekhoneni uShonga simgxeke noma singamsiza. Uma kukhona esizokuwina, kufanele siwabonge amagoli asishayele wona."