UNOZINTI omusha we-Orlando Pirates uJoris Delle olimele

ULIMALE ezilolonga yedwa unozinti omusha we-Orlando Pirates, uJoris Delle, ongakadlali nowokubika umdlalo kusukela efike eMzansi.

UDelle (29) waseFrance, usayiniswe yiPirates ngoJuni kubhekwe lukhulu kuyena ngenxa yamaligi adlale kuwona emhlabeni. Nokho kubukeka abalandeli bePirates kufanele balinde esinye isikhathi ngaphambi kokumbona enkundleni edlubhe imibala yaleli qembu ngexa yokuthi uselimele.

EZimnyama zisanda kugqemeka engeqiwa ntwala ngoBrilliant Khuzwayo ophoqeke ukuthi awaphanyeke emgibeni amakhokho ngenxa yokulimala. Ngaphezu kwalokho zidedele uJackson Mabokgwane osevimbela iBloemfonten Celtic. Lokhu kusho ukuthi iPirates isele noWayne Sandilands noSiyabonga Mpontshane.

Umqeqeshi wePirates, uMilutin "Micho" Sredojevic ukuqinisekisile esithangamini nabezindaba ukuthi uDelle okwamanje akekho embangweni wejezi.

"Uphuma kwiligi enkulu kuneyethu ngakho bekuvele kuzoba lula ukuthi ajwayele. Kodwa manje uvele walimala. Yilokho okumkhiphe embangweni wejezi. Namanje akakabuyi ngokuphelele ngoba udonseke umsipha. Ubekade ezilolonga yedwa, wathi esevulela ngejubane eseqeda walimala.

Bekuyinto engalawuliwe, ezenzela yedwa. Ukuba bekuyithina ngabe siphatheke kabi kodwa uzilimaze yena. Kufanele sibekezele ngoba ukujaha ukubuyisa umdlali olimale ngale ndlela kungenza ahlale ngaphandle isikhathi eside," kusho uSredojevic.

IPirates isingenelwe amagoli amane emidlalweni emithathu. Ihlulwe ngo 1-0 yiGreen Eagles yaseZambia koweCAF Champions League ngempelasonto edlule. NgoLwesithathu ebusuku ibhabhadiswe ngo 3-0 yiSuperSport United kowe-Absa Premiership eMbombela.