KULINDELEKE ukuthi ithimba elimele umgijimi wakuleli, uCaster Semenya, ecaleni lakhe ne-IAAF lidedele uhla longoti elizogadla ngabo kusasa.
Lokhu kungemuva kokuthi lisole le nhlangano yabagijimi emhlabeni ngokusebenzisa ubuqili idalula imininingwane ngabazoyivuna njengofakazi kuleli cala phezu kwesivumelwano sokuthi kufanele kube yimfihlo.
I-IAAF ifuna uSemenya nabanye abagijimi besifazane abadalwe njengaye badle imishanguzo yokwehlisa ukukhiqizeka komfutho emizimbeni yabo uma bezimisele ngokugijima ku-400m, 800m no-1500m.
Ukulalelwa kwecala kuqale ngoMsombuluko eCourt of Arbitration for Sports eLausanne eSwitzerland.
FUNDA: USemenya wesekwa yiSafa empini yakhe nenhlangano i-IAAF
USemenya uphikisa umthetho we-IAAF athi “uyacwasa” othi abagijimi besifazane abayibamba kwi-400m, 800m no-1500m, imizimba yabo ekhiqiza i-testosterone engaphezulu kwesijwayelekile kwabesifazane, kumele badle imishanguzo yokuyithithibalisa uma befuna ukuqhudelana kula mabanga.
Ngempelasonto uNgqongqoshe wezeMidlalo uTokozile Xasa uthe uhulumeni uzosebenzisa imali elinganiselwa kuR25 million ukweseka uSemenya ngabameli nethimba longoti bezobulili ekulweni ne-IAAF.
Ezinkundleni zokuxhumana ibilokhe ingene njalo imiyalezo yokweseka uSemenya ngoMsombuluko.
As #CasterSemenya prepares to take her fight against testosterone regulation to Switzerland, South Africa is rallying behind her!
We LOVE you Caster!
Proudly South African and PROUD of South Africa!!! ❤️🇿🇦 pic.twitter.com/Z45mwZk7k1
— Good Things Guy (@GoodThingsGuy) February 18, 2019
Statement from Caster Semenya and her lawyers in response to @iaaforg.
“I just want to run naturally, the way I was born. It is not fair that I am told I must change. It is not fair that people question who I am.”
She is fighting to run free. #CasterSemenya pic.twitter.com/eQvlomhAeW
— Katrina Karkazis (@Karkazis) February 14, 2019
This #CasterSemenya situation is a disgrace - by any legal definition, she is female: born female, identifies as female, female genitalia, so unless you’re going to start making naturally tall people crouch so as not to gain an advantage, this is some bullshit #IAAF #Caster
— Jåck Wèstøn (@jackvweston) February 15, 2019
As a country that respect and promote human rights, we stand behind the greatness of Caster Semenya, an inspiration in female sport in South Africa. #HandsOffCaster #NaturallySuperior #LetGreatnessReign #CasterSemenya pic.twitter.com/3LRXHf3cll
— Netball South Africa (@Netball_SA) February 16, 2019