UKUKHOMBISA izimpawu zokukhula kwezinga lokudlala komdlali waMaZulu, nothando olukhonjiswe yiqembu laphesheya kumdlali wawo, uSamuel Darpoh, yikhona okube nomthelela ekutheni abaphathi beqembu bamelulele inkontileka yakhe ngamasizini amathathu.
Ngokutholwa kweSolezwe ngeSonto leliqembu yi-Espanyol edlala kwiLa Liga efuna lomdlalli azokwenza izivivinyo ukuze limbonele eduze.
AmaZulu ngoLwesihlanu akhiphe isitatimende lapho ebeqinisekisa khona ngokuvuselelwa kwesivumelwano samasizini amathathu lomdlali egijima kuleli qembu.
Ephawula ngale ndaba yenkontileka yalo mdlali odabuka eGhana, uQedusizi Dlamini, oyimenenja yoSuthu akaphikanga futhi akavumanga ngokuthi kungenzeka nakho lokhu kweqembu laphesheya kube nenhlese ekutheni bavuselele isivumelwano nalo mdlali.
“Ukuvuselelwa kwesivumelwano nalo mdlali akuphenjelelwanga kuphela ukubakhona kweqembu laphesheya elimfunayo. Indlela asebenze ngayo ngale sizini ikhombisa ukuthi usebenze kahle ngoba kunezimpawu zokuthi lenyukile izinga lakhe. Nomakunjalo, sisesikhathini lapho sibuyekeza izivumelwano zabadlali esibabonayo banekusasa eliqhakazile eqenjini siyazivuselela,” kusho uDlamini.
Empi-ntshelwa ekhoneni ngokuthi nakuba ezibeka izizathu eziholele ekutheni bavuselele ngamasizini amathathu nalo mdlali kodwa esinqala ngeso-kuthi kunge-nzeka athole ikhaya elisha phesheya ngakho kufanele uma sekuxoxiswana babe nento ebambekayo ngokuba mqoka kwalo mdlali oSuthwini akaphikanga futhi akavumanga.
“Nakuba lokho nakho kungabakhona (ukuvuselela ngoba befuna umbengo othe xaxa ngaye) kodwa njengoba sengike ngasho baningi esivuselelayo nabo, ikakhulu abanombandela wokwelula inkontileka ngokubona kweqembu,”kubeka uDlamini.
“Sixoxisana noSiyethemba Sithebe naye okunombandela wokwelula ngokubona kweqembu kodwa sibone kungcono ukuthi sivele siqale izingxoxo naye.”
Omunye umdlali athe bavuselele isivumelwano ngombandela wokubona kweqembu nguPhu-mlani “Wele” Gumede, ngonyaka owodwa.
“Phezu kokuthi siselulile isivume-lwano ngokombandela obukhona kwinkontileka kodwa sisazoqhu-beka nokuthi sixoxisane naye ngoba abadlali abaseba-ncane esibadinga-yo esikhathini esizayo,” kuchaza uDlamini.
Abanye abadlali athe akanalo uvalo ngezinko-ntileka zabo ngoMhlengi Cele, Jabulani Ncobeni noSduduzo Dlamini athi ezabo ziphela ngale kuka-2020.