UCAVIN Jonhson oqeqesha AmaZulu, ukhala ngokuthi kukhona abafuna ukuxova izinto kuSuthu ngoba befuna umsebenzi wakhe Isithombe: BACKPAGEPIX
UZWAKALA njengomuntu oselindele noma yini umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, obhedelwa yizinto selokhu kuqale isizini. Usuthu selushaywe kabili kulandelana kwi-Absa Premiership, lwangenelwa amagoli amane, lwangashaya nelilodwa igoli.

UJohnson ube nengxoxo ekhethekile naleli phephandaba izolo, echaza ngengcindezi abhekene nayo.

Ngokusho kwalo mqeqeshi, kunezimfamona ezifuna ukudunga iqembu lakhe, zifafazele umoya omubi kubadlali nethimba lakhe asebenza nalo.

“Ngasayina inkontileka kuMaZulu ngifika, ngakho ngangazi ukuthi ngelinye ilanga ngiyoxoshwa,” uqale kanje uJohnson.

Ukhuluma kanjena nje uJohnson uvule ngesibhaxu sika 3-0 ekhaya eshaywa yiBidvest Wits, waphinde washaywa yiPolokwane City ngo 1-0 ngempelasonto.

“Kunezimfamona ezigaqele umsebenzi wami. Lezi yizinto ezenzekayo ebholeni. Kunamaqembu asesabayo, esinawo kwiPremiership angenza noma yini ukuthi kungabi nokuthula eqenjini lethu. Abantu bayizinyoka kodwa-ke impilo injalo. Mina ngokwami ngibona kusesekuseni kakhulu futhi sisazobuya ngamandla. Umdlalo wethu nePolokwane ukhombise ngokusobala ukuthi akonakele kakhulu,” kuqhuba uJohnson obezwakala engathukile nhlobo.

Eqhubeka echaza uJohnson, uthe sekukaningi edlala abantu bekhuluma wonke umathanda ngoSuthu.

“Uyazi, angazi sekukangaki ngizwa abantu bethi mina ngingawaqeqesha kangcono AmaZulu nokunye okuningi. Yizinto lezi okumele simelane nazo ngoba singabaqeqeshi. Uma uthola ukuthi usesimeni lapho khona kunabantu abafafazela abantu osebenza nabo umoya omubi, lokho kungaba yingozi yokuthi nabadlali bagcine sebefafazeleke izinto ezibhedayo. Ngiyethemba akusona isimo esinjalo lapha kuMaZulu,” kalandisa uJohnson.

Ebuzwa ngokuthi bese kukhona yini akuzwile ezikhulwini zeqembu, njengoba kuvela ukuthi umdlalo wangoLwesibili (Agasti 20) phakathi kwezakhe ne-Orlando Pirates, kungenzeka kube ngowokugcina, uJohnson uthe: “Ngikuqala ngawe lokho. Angikwazi. Njengoba sengishilo nje, hleze ngabathile abangosomathuba asebebebona intuba yokugadla. Ngimdala kulo msebenzi, ngakho ngizoqhubeka ngiwenze ngokwethembeka."

Asekhona namahlebezi athi kungenzeka Usuthu luwelele phesheya kwezilwandle e-Europe luyomfuna khona umqeqeshi, uma egcina ngokuhamba uJohnson.

Kuvela ukuthi esinye sezikhulu zoSuthu siyazifela ngebhola laseNetherlands ngoba “libekwa phansi” futhi lingabajabulisa abalandeli baMaZulu.

Imidlalo ye-Absa Premiership:

Kusasa ngo-7.30 ebusuku: Polokwane City v Bidvest Wits (Old Peter Mokaba Stadium); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Nelson Mandela Bay Stadium); SuperSport United v Orlando Pirates (Mbombela Stadium)