“LESI simo engikusona, nobuhlungu engibuzwayo angibufiseli muntu”. Le nkulumo ishiwo uDavies Phiri ongumqeqeshi wonozinti kuMaZulu FC osanda kushonelwa ngunkosikazi wakhe, uMonde Phiri, emasontweni ambalwa edlule.
UPhiri odabuka eZambia, uthe usadidekile namanje ukuthi ngabe yini le edlulise emhlabeni isigubhukane umkakhe abeseshade naye iminyaka ewu-18, benezingane ezimbili.
Ngokulandisa kukaPhiri unkosikazi wakhe ubehlala nezingane emzini wabo oseGoli. Ngokusho kwakhe akukho obekusolisa ngaye, kangangoba bebevuka njalo ekuseni bagijime ibanga elingangamakhilothima angu-5.
Uthe ngo-Agasti 31, wathola ucingo lokuthi unkosikazi wakhe uqulekile washona esekhaya.
“Odokotela bathi yisifio senhliziyo. Akakaze akhombise zimpawu zokuthi kukhona okumphethe, yingakho ngingaqondi ukuthi yini le engaka egcine imdlulise emhlabeni. Simbeke endlini yakhe yokugcina ngoSepthemba 8, ekhaya eZambia,” kusho uPhiri.
Uthe isimo sinzima kakhulu ezinganeni zakhe ngoba njengamanje uzihlalisa kumngani wakhe ongumfundisi eGoli.
“Ngiphatheke kabi kakhulu, empeleni nje kunzima. Nokho izimo ezinjena kumele uzamukele ngoba ngeke kusajika. Ngesikhathi unkosikazi esaphila bengingakwazi ukuya ekhaya njalo ngenxa yomsebenzi. Izingane bezihlala naye, ngifike uma kuyikhefu leFifa noma ngamaholide. Njengamanje zidinga umuntu ezizohlala naye, azenzise nomsebenzi wesikole nokunye okuningi okudinga umzali. Lesi simo sesiyangiphoqa ukuthi ngilinde kuphele unyaka, bese ngoJanuwari ngiziyisa esikoleni ezizofunda zihlala kusona ngaphakathi. Ngibona kuzoba yilokho okungaba yisisombululo kule nkinga,” uchaza uPhiri.
Phakathi kwezikhathi ezimnandi uPhiri alandise leli phephandaba ngazo ngomndeni wakhe, uthe ngonyaka odlule uphe umndeni wakhe isipho esikhulu okade wawukhala ngaso.
“Unkosikazi ubelokhu esho njalo ukuthi mina ngihlezi ngiya e-Euope, kuthi yena nezingane baduve lapha (e-Afrika). Maphakathi nonyaka odlule ngibahlelele iholidi eDenmark, bahlala khona inyanga yonke. Babuye bengawuvali umlomo yinjabulo ngabakubonile,” kulandisa uPhiri.
Uphethe ngokuthi njengamanje uphansi phezulu ufunela izingane isikole esisha lapho zizohlala khona ngaphakathi.