‘AKUSHO lutho ukuthi umdlalo uzodlalelwa kuyiphi inkundla, okubalulekile ukuthi kufanele sinqobe."
Lena yinkulumo yomgadli waMaZulu FC, u-Emiliano Tade osevalele phakathi amagoli amathathu kuleli qembu selokhu kuqale isizini.
UTade ukhuluma kanjena nje, Usuthu luzotholana phezulu ne-Orlando Pirates kwi-quarter final yeTelkom Knockout (TKO) ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, ngo-6 ntambama.
Kuzobe kungekona okukuqala iPirates idlala naMaZulu kule sizini, njengoba la maqembu edlale ngokulingana kuba wu 1-1 kowe-Absa Premiership, eKing Zwelithini Stadium ngo-Okthoba 6.
Kulowo mdlalo, uTade washaya igoli lokulinganisa ngesiwombe sesibili ngemuva kokuthi u-Augustine Mulenga ayeshaye eleBucs ngesiwombe sokuqala.
Ngokwejwayelekile AmaZulu ayaye asebenzise iKing Zwelithini Stadium, eMlaza, uma edlalela imidlalo yasekhaya. Uma kwenzekile angadlalela kuyona, ayaye asebenzise iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Nokho iPremier Soccer League (PSL), ikhethe ukuthi umdlalo uyiswe eMabhida kulokhu.
“Kuzoba wumdlalo ohluke kakhulu lona. Lokhu ngikusho ngoba akuyona iligi lena kodwa umdlalo womkhumulajezi, ngakho kuzoba nezinguquko. Ekugcineni kosuku kufanele kube khona onqobayo, kube khona owasha ijezi. "Ngingalisho ligcwale umlomo elithi silindele impi kwiPirates. Indaba yenkundla ayisho lutho kimina, okubalulekile ukuthi sinqobe,” usho kanje uTade izolo ngesikhathi ezakhe ziziqeqesha ezinkundleni ezingaphandle kweMoses Mabhida Stadium.
UTade uthe akafuni nakancane ukuphoxa eMoses Mabhida Stadium, kwazise uzobe edlala okokuqala kule nkundla.
“Kuyintokozo yawo wonke umdlali ukudlala enkundleni enkulu, enabalandeli abaningi. Kuzofanele sisebenze kanzima sijuluke enkundleni ukuze sizothola umphumela esiwufisayo,” kusho uTade.
USuthu luphuma esibhaxwini sika 3-0, lapho lushaywe iCape Town City emdlalweni weligi. IBhakabhaka lihambela phezulu ngemuva kokushaya izimbangi zalo ezinkulu iKaizer Chiefs ngo 2-1 ngeledlule.
I-Telkom izohambela eBridge City Mall, Philani Mall, KwaMyandu Shopping Centre, naseMlaza Mega City ngoLwesihlanu nangoMgqibelo. Lapha bazobe bephisana ngezipho, okubalwa kuzona namathikithi emidlalo yama-quaterfinal. Bazohambela kulezi zitolo phakathi kuka-10 ekuseni no-5 ntambama.