ISIQONGQWANE seBidvest Wits neqembu lesizwe iBafana Bafana uSifiso Hlanti, sifunwa izinkunzi zaseRussia ezidlala kwi-Uefa Champions League, iLokomotiv Moscow.
Nakuba uHlanti esanda kuvuselela inkontileka yakhe neZitshudeni ngeminyaka emithathu kodwa ngokuthola kweSolezwe, iMoscow isike yafika ngisho eGoli izoqala izingxoxo zokufuna ukusayinisa lo mdlali.
“Ngaphambi kokuthi kuqale isizini, imenenja esebenzisana neMoscow ifikile kimina, yacela ukuba siqale izingxoxo zokuthi uHlanti ayodlala eRussia. Ngeshwa ngaleso sikhathi bese kunezinsukwana uHlanti esayine inkontileka entsha neWits. Ngiyitshelile le menenja ukuthi uma kukhona abafuna ukukubeka etafuleni, abaxhumane neWits kwazise ungumdlali wayo uHlanti,” kusho uSizwe Ntshangase oyimenenja kaHlanti.
Uma uHlanti engagcina ngokuyodlala eRussia, angaba ngumdlali wesibili waseNingizimu Afrika wasemuva odlala ngonyawo lwesokunxele ukuyodlala kuleliya lizwe. Omunye uJacob “Bobo” Lekgetho ongasekho emhlabeni.
Abanye abadlali bakuleli abadlale eRussia, uSiyanda “Magazi” Xulu, MacBeth Sibaya, Japhet Zwane, ukusho abambalwa.
IMoscow iyona ivikela isicoco seRussian Premier League njengoba isinqobile ngesizini edlule. Lesi sicoco isihlwithe iSpartak Moscow okungabakhaya bayo.
Eqhubeka echaza uNtshangase, uthe uzwile emithonjeni yabezindaba ukuthi uHlanti ufunwa ngamaqembu amakhulu azinze eGoli.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi sivumelene neWits wasayina inkontileka yeminyaka emithathu. Ngizwile kuthiwa uHlanti ufunwa amaqembu amakhulu kuleli kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi alikho thina iqembu elake lasibekela okuthile etafuleni, ngaphandle kweWits. Ngakho izinkulumo zingamahlebezi nje, azisho lutho ngaphandle kokuthi kube khona into esemthethweni ebambekayo,” kusonga uNtshangase.