Ezemidlalo

OweSundowns uthembe isipiliyoni sango-2016 kowamanqamu weCaf

Mthokozisi Mncuseni|Published

ISITOBHA seMamelodi Sundowns, uMothobi Mvala, asinavalo ngamathuba aleli qembu okusiqukulela ekuhambeni isicoco seCaf Champions League

Image: BACKPAGEPIX

UKUDLALA nePyramids FC 'bebukwa yizinyoni' esikhundleni sezinkumbi zabalandeli kufana nesikhuthazi kwiMamelodi Sundowns ngokubona kwesitobha sayo, uMothobi Mvala, esiphonsele inselelo ozakwabo asebenokhakhayi oluqinile ukuba babhukule kulo mdlalo wangeSonto.

UMvala (30) ukhuluma kanjena nje, iSundowns iyeke ithuba lokuthambisa umsebenzi isekhaya ngesikhathi ivumela ukubanjwa yileli qembu lase-Egypt ngo 1-1 ngegoli lokulinganisa elingene ngomzuzu ka-93 eLoftus Versfeld, ePitoli, ngeledlule.

Yize kunjalo kodwa uMvala, ongomunye wabadlali abathathwa njengabaholi kwiSundowns nosanda kubuya ekulimaleni, akangabazi ukuthi banawo amava okudla lesi sicoco abagcina ukusiqukula besaqeqeshwa nguPitso “Jingles” Mosimane eminyakeni eyisihiyagalolunye edlule.

ISundowns imelwe wukuthola igoli noma kanjani kulo mdlalo wasekuhambeni uma inenhloso yokujika umphumela kowomlenze wesibili wowamqamqamu weChampions League ngeSonto ngo-6 ntambama, e-30 June Stadium, eCairo.

“Ngaphandle kokuzethemba njengeqembu, akekho kithina ongaliboni ithuba lokufaka inkanyezi yesibili ejezini leSundowns eliphambi kwethu uma sinqoba ngeSonto,” kusho uMvala emcimbini wakwaCarling Black Label eGoli ngoLwesibili.

“Indlela yeSundowns yokwenza izinto incike ekuhlonipheni isitha ngaso sonke isikhathi kodwa asikungabazi ukuthi singayishayela e-Egypt iPyramids, sisiqukulele khona isicoco ngoba umlando wokwenza lokho sinawo. Sikhuthazekile nangokuthi sizodlala nabo ngaphandle kwezinkumbi zabalandeli njengoba kuhlale kwenzeke uma siya e-Egypt. Lokhu kufanele sikusebenzise noma kanjani.

“Akukho lapho ngikhononda khona ngendlela esiwuhlelele ngayo umdlalo. Okuhle wukuthi sesivele siwahlanganisile amakhanda singabadlali abanokhakhayi oluqinile ngezinhlelo zokuthi sizomeseka kanjani umqeqeshi (uMiguel Cardoso) kulo mdlalo wangeSonto."

Kubadlali abanamava ekhempini yeSundowns kukhona unozinti uDenis Onyango noThemba Zwane abebekhona ngesikhathi iqukula le ndebe e-Egypt ngo-2016. Akubuzwa ukuthi uCardoso uzothembela kubona ukuthi behlise uvalo kwabadlala kowamanqamu weChampions League okokuqala.

UMvala odlala kwiBafana Bafana, uhlale isikhathi eside sengadlali ngenxa yokulimala. Uncome  uCardoso ngendlela abaphethe ngayo.

“Kungijabulisile ukuthi uCardoso ubengimema ekhempini ngisho ngilimele ngoba lokhu bekungikhombisa ubumqoka bami kuyena ngisho ngingekho enkundleni.

“Ngiwenza ngeqholo umsebenzi wokukhuthaza anginika wona. Kunzima ukubuyela esikimini kwiSundowns kwazise ubanga nabadlali beqembu lesizwe kodwa umqeqeshi nozakwethu bangenzele kwaba lula ukubuya yize kunezikhathi lapho bengizizwa khona njengomdlali omusha,” kusho uMvala. 

IPyramids ngelinye lamaqembu amasha ebholeni lase-Egypt ngakho-ke lisazama ukuhlanganisa abalandeli abagcwala inkundla njengabe-Al Ahly nabeZamalek.

IPyramids iqale ukugqama ngo-2018 ngesikhathi ithengwa ngabaphathi abasha, yafudukela enkundleni yayo yaseCairo emumatha abalandeli abangu-30 000.