Umqeqeshi wePolokwane City uJosef Vukusic nokapteni weqembu uJabu Maluleke asebewine izindondo zokwenza kahle kwi-Absa Premiership kule sizini. Isithombe: @OfficialPSL via Twitter

UYIHLEKA usulu eyokuba sembangweni wesicoco se-Absa Premiership umqeqeshi wePolokwane City, uJosef Vukusic, olokhu eligcine njalo iqembu lakhe kwayisishiyagalombili kwi-log.

I-Polokwane, enamaphuzu awu-36 endaweni yesithupha,  ingemuva ngayisikhombisa kwiMamelodi Sundowns eqhwakele. Namuhla izovakashela elinye iqembu elisembangweni weligi, iCape Town City, eCape Town Stadium ngo-8 ebusuku.

Ozonqoba kulaba angase anyukela endaweni yesibili uma kuwukuthi iBidvest Wits iyaqhubeka nokulahla amaphuzu. I-Orlando Pirates esendaweni yesibili neSundowns akudlali kule mpelasonto ngenxa yemidlalo yeCAF Champions League.

“Hhayi, thina kumele sihlezi sizithobile. Thina siyazazi izifiso zethu,” kusho uVukusic efa yinsini.