UMQEQESHI weqembu lesizwe laseNigeria, uGernot Rohr, ufisa ukubona umgadli waseMzansi uPercy Tau egijima kwenye yamaligi amakhulu emhlabeni.
UTau usayiniswe yiBrighton & Hove Albion yase-England maphakathi nonyaka kodwa yambolekisa kwi-Union Saint-Gilloise yaseBelgium. Ushaye into ecokeme, waqokwa waba umdlali ovelele iBafana Bafana idlala ngokulingana ngo 1-1 neNigeria eFNB Stadium ngoMgqibelo.
UGohr waseGermany ubengawuvali umlomo ngoTau ngemuva komdlalo.
“Ngibongela lo mdlali omuhle kangaka, uPercy Tau. Ngifisa ukumbona eqenjini elikhulu e-Europe. Unakho konke okudingekayo ukudlala e-England noma kwenye iligi enkulu. Usithwalise kanzima. Kodwa njengeqembu sikwazile ukuthola izimpendulo,” kusho uGohr.
“IBafana ineqembu eliqinile elingangena kwi-Afcon kodwa ngeke kube lula. Ngenhlanhla umdlalo awukho eLibya nathi sadlala nabo eTunisia. Ngingamnika amaqhinga umqeqeshi wenu uma efuna. Mnikeni inamba yami. Ngimfisela konke okuhle kulo mdlalo onzima.”
Ukuhluleka kweBafana ukuthola amaphuzu amathathu kuyishiya idinga okungenani ukuthola iphuzu uma isibhekene neLibya emdlalweni wokugcina kaGroup E ngoMashi wonyaka ozayo.
UPercy Tau emakwe u-Alex Iwobi ngesikhathi iBafana ibhekene neNigeria ngoMgqibelo eFNB Stadium. UTau ube umdlali ovelele kulo mdlalo. Isithombe: Samuel Shivambu/BackpagePix
INigeria, edlale kwiNdebe yoMhlaba, kade ingekho kwi-Afcon ka-2013 neka-2015 eGabon.
UGohr ukhale ngokubanjwa inkunzi ngunompempe ophike amagoli abo amabili.
“Bekungelula. Besazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima ngoba iNingizimu Afrika ibidinga ukunqoba ukuze ithole indawo kwi-Afcon. Manje kwi-log inamaphuzu ayisishiyagalolunye. ILibya isenalo ithuba kwazise uma ingawina ingangena kwi-Afcon. Ngeke kube lula kwiNingizimu Afrika kodwa ngicabanga ukuthi izophumelela,” kusho uGor.
“Obekubalulekile kithina wukudlala lo mdlalo njengowamanqamu ngoba besazi ukuthi ukudlala ngokulingana kusho ukuwelela ngaphesheya kithina. Igoli elihle elishaywe ngukaputeni wami (Ahmed Musa) bekungafanele liphikwe. Bekungaba kuhle kakhulu ukuwina kodwa sanelisekile ngalo mphumela. Sekufanele siyobhekana neSeychelles emdlalweni wokugcina bese siyabhiyoza.”