UMQEQESHI weBorussia Dortmund, uNiko Kovac, akaboni iFluminense yaseBrazil iyiqatha elingabinda iMamelodi Sundowns emdlalweni ozocacisa okuningi ngo-Group F weFifa Club World Cup eqhubekayo e-United States of America (USA).
IDortmund eseke yaba ngompetha beligi yaseGermany, iGerman Bundesliga, kudingeke ukuthi iwakhiphe wonke amangwevu ngesikhathi ibhekene neSundowns emdlalweni egcine iwunqobe ngo 4-3. AmaBrazilians adlale ingcwenga yebhola kulo mdlalo obuseCincinnati, e-Ohio, ngempelasonto edlule.
Ukukhala ngaphansi kweSundowns ewuqale kahle umqhudelwano ngokunqoba ngo 1-0 kwi-Ulsan HD, kusho ukuthi sekumele inqobe noma kanjani kwiFluminense eholwa nguThiago Silva wodumo emaqenjini amaningi ase-Europe okubalwa kuwona i-AC Milan, PSG neChelsea.
Lo mdlalo obhekwe ngabaningi wumhlaba wonke uzoba kusasa ngo-9 ebusuku, eHard Rock Stadium, eMiami Gardens, eFlorida.
IFluminense eyaqala iqoqo ngokubamba iDortmund ngo 0-0, ibuye isilandela ngemuva ngo 2-0, yanqoba ngo 4-2 kwi-Ulsan, okuwumphumela oyibeke esicongweni yize ibambene ngamaphuzu amane naleli qembu laseGermany.
ISundowns esendaweni yesithathu ngamathathu, ithembele ekuzishayeleni yona iFluminense noma ithandazele ukuthi i-Ulsan ibambe iDortmund okuyinto engabukeki izokwenzeka.
“Ngiyaqonda ukuthi iFluminense yiqembu eliqinile kodwa ngokwami ngiyayibona iSundowns ibuya nomphumela oncomekayo yize kungeke kubelula,” kusho uKovac kwabezindaba.
“Akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzekani kodwa ngicabanga ukuthi wonke umuntu owuqondayo unobhutshuzwayo kuyamcacela ukuthi iSundowns idlala leli okuthiwa linenkosi phakathi.
“Iqembu lonke lidlala ngendlela efanele okuyizinkomba zokufundiseka ngendlela kwabadlali okubunjwe ngabo leli qembu laseNingizimu Afrika.
“Kubalulekile ukuthi kushayelwe ihlombe okwenziwa ngumqeqeshi wasePortugal (Miguel Cardoso) kuleli qembu. Kufanele ukuba kumnandi ukubuka iSundowns uma ungumlandeli webhola.
“Ngenxa yala maphuzu engiwabekayo, ngeke ngethuke uma kungathiwa iSundowns ingelinye lamaqembu adlulele kweyomkhumulajezi kwiClub World Cup."
UCardoso uthe uya emdlalweni wakusasa neFluminense eshayela phezulu ngenxa yesithunzi abasakhe ngeDortmund.
“Ngikhuthazekile ngendlela esidlale ngayo ngakho-ke nowokusonga iqoqo sizoya kuwona ngomfutho nokuzethemba okufanayo kwazise sesinabalandeli abaningi e-USA esingafuni ukubaphoxa,” kusho uCardoso.