UNCONYWA ngokuba yisibonelo esihle entsheni umdlali weCape Town City, uThami Mkhize, oqokwe kwabathathu abazobanga umklomelo womdlali wasemuva ovelele kwiPremier Soccer League kule sizini ka-2018/2019.
Uqokwe noRicardo Nascimento weMamelodi Sundowns nomdlali weBidvest Wits, uSifiso Hlanti.
UMkhize uzofika emcimbini wePSL ngeSonto e-International Convention Centre, eThekwini, esevele eshayela phezulu ngemuva kokuhamba nemiklomelo ephambili eqenjini lakhe.
Ozakwabo kwiCity bamchome uphaphe njengePlayer’s Player of the Season, wase ephinde waba yiPlayer of the Season emcimbini weqembu obungoMsombuluko ebusuku.
USteve Komphela obehambele ukwethulwa kwabadlali abaqokelwe ukuhlomula emcimbini wePSL, uchaze uMkhize njengomdlali okhombisile ukuthi ukubekezela nokuzimisela kuba nezithelo ezinhle.
“Iyangichaza indlela adlondlobale ngayo uThami. Usebenze noMandla (Ncikazi) ngasebenza naye kwiMaritzburg esuka kwi-Arrows lapho ebedlala khona esiswini.
“Manje usengumdlali wasohlangothini (emuva) kwesokudla. Uyakwazi ukushoshela phambili abuye abuyele emuva. Uyakwakhela amagoli futhi udlala ngokuzethemba njengoba esengukaputeni weCape Town City waphinde wadlulela nakwiBafana Bafana.
“Ukumazi kwami lapho esuka khona lapha eKZN (KwaZulu-Natal), kumenza isibonelo kunoma ngubani obona ukuthi unqindekile, abone ukuthi asikho isithiyo esingamenza angafinyeleli lapho efisa ukuya khona,” kusho uKomphela.
UMkhize ube nesizini enhle ka-2017/2018 kodwa bekumphatha kabi ukuthi akatholanga lutho. Waze wakusho ukuthi ufuna ukuwina izicoco.
Kulena esongwayo ukwazile ukukufeza lokho ehola iqembu lithatha isicoco seMTN 8 njengoba esehlonishwe yiqembu nozakwabo.
“Ngifundile ukuthi ukuphumelela kuhambisana nokuziphatha. Ngibonga kakhulu kozwakwethu nakubalandeli abahlezi benathi kukuhle noma kukubi,” kusho uMkhize ekhasini leCity lika-Twitter.
Abanye abadlali beCity abaklonyelisiwe kuleli qembu laseKapa, uGift Links othole umklomelo weMost Improved Player of the Season.
Lo mdlali uqokiwe kwabangase badle umhlanganiso emcimbini wePSL lapho ebanga khona noTebogo Mokoena weSuperSport United noBongani Sam weBloemfontein Celtic emunxeni weYoung Player of the Season. UZukile Kewuti uthole iRookie of the Season.
Leli qembu eliphekwa nguBenni McCarthy liqokelwe eminxeni eyisithupha kwiPSL. UMcCarthy ubanga owabaqeqeshi noPitso Mosimane noMilutin “Micho” Sredojevic.
Unozinti uPeter Leeuwenburgh ubanga noRonwen Williams noDenis Onyango kowonozinti ovelele kuthi uThabo Nodada aqokelwe kwiMTN 8 Last Man Standing noBradley Grobler noLeeuwenburgh.