UZOSHAYA izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa uGiovanni Solinas ongumqeqeshi weKaizer Chiefs njengoba ezosebenzisa ikhefu lemidlalo yeFifa ngokuthi aqinisekise ukuthi umgadli wakhe omqoka uLeonardo Castro uwulungele owabakhaya ngesikhathi esifanayo adle iMacufe Cup.
Ngaphandle kokuyidla iMacufe Cup adlala kuyona neBloemfontein Celtic ngo-3 ntamabama, eFree State Stadium, uSolinas uhlele ukusebenzisa lo mdlalo ukuzama konke ayekade efisa ukukuhlanganisa kodwa engeke aphumelele ngenxa yokushuba kwesimo kwi-Absa Premiership.
IChiefs ayizange iqale kahle kodwa ikhombise izimpawu zokuvuka emaqandeni ezinyangeni ezimbili ezedlule. Ngemuva kwalokho kuphinde kwehla ukuhambela phezulu kwazise Amakhosi awayazi iwini koweligi kule nyanga. “Ukudla iMacufe Cup kungabuyisa ukuzethemba (kimina nakubadlali abathile) kuphinde kuveze nezinto eziningi engingakazazi ngeqembu lami,” kusho uSolinas okhombisa izimpawu zokukujabulela ukuma kwemidlalo yeligi.
“Uma leli khefu lizonginika ithuba lokuqinisekisa ukuthi uLeo (Castro) uzobe esewungele ngokwanele umdlalo ozayo ngiyalemukela. Yinto efanayo futhi uma leli khefu lizokwenza okufanayo kuDax Andrianarimanana. Njengoba uCastro eseqalile ukugijima ngizizwa ngijabule. Lokhu kungiqinisa idolo ukuthi umdlalo wethu omqoka olandelayo angase abekhona.
“Yebo abadlali abaningi abekho ngenxa yemidlalo yamazwe kodwa lokhu kuzovula ithuba kubadlali abebengakalitholi kahle ithuba ukungikhombisa ukuthi bakhona uma bedingeka. Ngilijabulele leli khefu ngoba angingabazi ukuthi ngemuva kwalo kunezinto eziningi ezinhle engizokwazi ukunitshela zona (nina abezindaba)."
Lo mqeqeshi wase-Italy ukujabulela kakhulu ukubhekana neqembu elifana neCeltic kwazise liphekwa umqeqeshi athe umhlonipha ngendlela eyisimanga, uSteve “Mphathi” Komphela.
“Angikholwa ukuthi likhona ithuba elingcono kunokuzama abadlali bakho ongabazi kahle emdlalweni okungangabazeki ukuthi uzoba onzima. Asikho isidingo sokuhlola abadlali ngemidlalo elula ngoba ngeke ubabone ukuthi bamisa kanjani uma izinto zingahambi ngendlela abasuke befisa ngayo.
“Ngeke nangengozi athambise uKomphela ngakho-ke ngiyazi ngizokuthola lokhu engikufunayo. Kusemqoka ukuwina iMacufe kodwa uma ngingayiwinanga kepha ngifunde okuningi ngabadlali bami, ngingakwamukela lokho,” kusho lo mqeqeshi.
Uzobe engasebenzi no-Itumeleng Khune, Ramahlwe Mphahlele (bobabili Bafana Bafana), Godfrey Walusimbi (Uganda), Teenage Hadebe, Khama Billiat (beziZimbabwe) noVirgil Vries (Namibia).