Ezemidlalo

OweChiefs ujabule wabuya nganeno ngeNedbank

Mthokozisi Mncuseni|Published

NAKUBA ephumelele ngesizini yokuqala ukwenza osekuhlule abaqeqeshi abaningi beKaizer Chiefs okuwukuletha indebe eNaturena kodwa uNasreddine Nabi akafuni lokhu kumenze anethezeke. ngeke anethezeke ngenxa yempumelelo kwiNedbank Cup ngoba yima kuqala akuzela eNingizimu Afrika.

UNabi owayevele elandelwe ukuzoqeda indlala yezicoco ebisiququde Amakhosi iminyaka engu-10, ukwenze lokhu ngokunqoba kwi-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Amagoli eChiefs ashaywe nguGaston Sirino okube yiphenathi esiwombeni sokuqala noYusuf Maart umdlalo usuyophela. Elokubika lePirates lingqofelwe enethini u-Evidence Makgopa.

Ngemuva kokuqeda ishobolo eselihlule abaqeqeshi abaningi kusukela ngesizini ka-2014/2015, uNabi uthe ngeke ajabule kuze kweqe ngoba akuzele eNingizimu yikhona kuqala.

Ukubalulile lo mqeqeshi waseTunisia ukuthi uzoludinga usizo lwabalandeli nesineke kubona ngoba lokhu kuzodingeka uma ezophumelela.

“Okuyikhona okumqoka kunakho konke engakuzela kwiChiefs ukuzoyibuyisela esicongweni okuyindawo eyifanele,” kusho uNabi kwabezindaba ngemuva komdlalo.

“Ngijabulela kakhulu abalandeli ngale nkomishi kodwa kimina kufana nesiqalo. Yebo ukuqeda indlala yeminyaka engu-10 kuzoba wusizo ekutheni ngifinyelele ngokushesha lapho kufanele kuhlale khona iChiefs.

“Okunye okuhle okuzokwenziwa yile mpumelelo yeNedbank wukunika abalandeli ithemba lokuthi kukhona lapho kuyiwa khona.

“Kuzothatha isikhathi ukuthi kwenzeke ngendlela esifisa ngayo kodwa ngesineke sabalandeli nangokuzama kwethu ukufaka ezingqondweni zabadlali lokhu esifuna ukukwenza, izikhathi zenjabulo zizosondela."

Yize iChiefs igcine ibanikile abalandeli bayo lokhu abebekulambele iminyaka engu-10 kodwa isizini yokuqala kaNabi ayizange ihambe ngendlela obekulindeleke ngayo. Ngaphandle kokuthi ukuwina iNedbank kukaNabi kumehlisele ingcindezi, kuzonika nabaphathi isikhathi sokuthungatha abadlali bokuqinisa iqembu sekukhona okujabulise abalandeli.

IChiefs iyodlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo ngenxa yempumelelo kwiNedbank, maningi amathuba okuthi iqede ngaphandle kwe-Top 8 uma kuzoya ngendawo ehleli kuyona kwi-log yeBetway Premiership esalelwe yimidlalo emibili kuyona.

Nakuba imibhiyozo yeChiefs ibisabalele izolo kodwa namahemuhemu okuthi uNabi onenkontileka yeminyaka emibili nayo angase aligqabule ifindo ekupheleni kwesizini abengazibekile phansi ebhebhetheka.