UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrendon Petersen
Image: BACKPAGEPIX
UYOYIXOXELA abazukulu ukuthi wayesenkundleni ngesikhathi iKaizer Chiefs iqeda indlala yezinkomishi yeminyaka engu-10 unozinti wayo, uBrendon Petersen, obevimbile ngesikhathi inqoba kwi-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lokhu uPetersen, owayegcine ukubonakala enkundleni ngoDisemba nyakenye, ukutshele abezindaba kulandela ukuqeda kwabo indlala yezicoco kwiChiefs ngamagoli kaGaston Sirino noYusuf Maart obecisha elika-Evidence Makgopa obelinganisele iPirates.
Amakhosi afike kowamanqamu enganikwe lutho kufanele, kwazise awina ngoMgqibelo nje, bekungokwesibili ephumelela ukwenza lokho emidlalweni eyisishiyayalombili.
Kungenxa yale fomu iChiefs isize yaphuma nasemaqenjini asethubeni lokudlala i-MTN 8 ngesizini ezayo ngokwe-log yeBetway Premiership. Nokho isenalo ithuba kwazise isalelwe yimidlalo emibili kwiligi.
IChiefs izovakashela iSekhukhune United ngoMgqibelo, ngaphambi kokusonga isizini ekhaya nePolokwane City.
Ngaphambi kwangoMgqibelo, iChiefs ibilokhu yagcina ukufaka inkomishi ekhabetheni ngesizini ka-2014/2015.
Ngendlela uPetersen abejabule ngayo, uze wakhuluma nge-video umqeqeshi wabo, uNasreddine Nabi, ababukise yona ngaphambi komdlalo.
“Sizizwa sihloniphekile ukuthi sibe nesandla ekubuyiseni injabulo ezigidini zabalandeli beChiefs asebewe bevuka nathi zisinetha ngenxa yendlala yezinkomishi,” kusho uPetersen.
“Ngesikhathi senza amalungiselo okugcina omdlalo, uNabi usibukise i-video ebiveza imindeni yethu nabangani besifisela okuhle.
“Akekho oseke wayikhuluma le nto kodwa leya video ivukuze okuthile kithina sonke ngokwahlukana. Ngaphandle kwemindeni yethu baningi abantu abazihlupha ngeChiefs ngakho-ke le wini akuyona eyethu kepha ngeyabo.
“Okungenza ngizizwe ngikhethekile wukuthi igama lami liyohlala likhona kwabebeseqenjini elaqeda indlala yezinkomishi yeminyaka engu-10. Ngiyoxoxela ngisho abazukulu.
“Kusemqoka ukuthi abalandeli bethu emhlabeni wonke bazitike ngenjabulo ehamba nokuwina kwethu iNedbank. Sesiside isikhathi ibaququda indlala.
“Ibisiminingi kakhulu iminyaka sibaphendula inhlekisa abalandeli bethu kwazise amanye amaqembu abezitamuzela izinkomishi.
“Le wini izohamba ibanga elide kodwa esikufisayo ukuthi kube yisiqalo sokubuyisa udumo iqembu elalaziwa ngalo eminyakeni edlule."