Ezemidlalo

OweChiefs netulo lokukhipha ibhadi ngePirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

U-INACIO Miguel uzwakalise ukungenami ngokugxekwa komqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ngoba udaka lushaywa yibona abangena enkundleni

Image: BACKPAGEPIX

KUBUHLUNGU ekujuleni kwezinhliziyo zabadlali beKaizer Chiefs ukugxekwa komqeqeshi waleli qembu, uNassredine Nabi, ngenxa yemiphumela emibi elokhu iqoqwe ngaMakhosi kusukela kuqale isizini yeBetway Premiership ka-2024/2025.

Lokhu kuzwakaliswe ngomunye wabadlali abayizinsika kwiChiefs, u-Inacio Miguel, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

IChiefs izilungiselela ukudlala umdlalo wamanqamu weNedbank Cup ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngesikhathi le sizini iqala, belilikhulu ithemba ngeChiefs kwazise bekunomuzwa wokuthi kuNabi ithole umqeqeshi abalandeli obekunesikhathi bephupha ngaye.

Sekuwumlando ukuthi okuningi akuzange kuhambe ngendlela obekulindelwe ngayo kule sizini. Nokho leli qembu linethuba lokukucisha konke lokhu ngokugoduka nesicoco seKe Yona ngoMgqibelo.

IChiefs isengozini yokuphinda yeqiwe wumqhudelwano, i-MTN 8, njengoba ihleli endaweni yesishiyagalolunye kwi-log yeBetway Premiership esisalelwe kuyona yimidlalo emibili.

“Kubuhlungu kithina ukuma eceleni sibuke bekhwela bezehlela kumqeqeshi wethu ngodaka olushaywa yiqembu ekubeni kuyithina esingena enkundleni,” kusho uMiguel.

“Akuyena yedwa uNabi obenephutha ngendlela iqembu elidlale ngayo kule sizini kodwa nathi siyingxenye yalokho. Yithina esiyeka amathuba sivumele nezitha ukuthi zithole awazo kodwa kuthi sesikwenze konke lokhu kuphunywe iqhubu noNabi.

“Kumqoka ukuthi abalandeli bamkhulule uNabi ajwayele lokhu adinga ukukujwayela ngathi, ngeqembu nangeligi. Uma kukhona abafisa ukugxeka abawubhekise kithina umunwe.

“Ngiyakwamukela ukuthi asizange simsize uNabi kule sizini kodwa futhi kumqoka ukuthi sonke siqonde ukuthi esifuna ukukuhlanganisa kuzothatha isikhathi."

Ukuyeka kweChiefs ithuba lokuqoqa amaphuzu agcwele kade isihamba phambili ngo 1-0 kwiPirates ngesonto eledlule, akwenzi ukuthi uMiguel abone sengathi abanawo amava okuzibuyisa zishisa izinduku.

“Yize sishayiwe koweligi ngeledlule kodwa okuhle ngowamanqamu wukuthi siya kwiPirates singasenawo uphawini wokucasha ngesithupha uma sihluleka.

“Siyakwazi okuzokwenzeka kithina uma singazinikeli ngokugcwele, ngakho-ke sizowufaka wonke umfutho esinawo. Singabadlali beChiefs sibonga ingqayizivele yethuba lokuqeda indlala yezinkomishi osekukhulunywe ngayo iminyaka eminingi,” kusho uMiguel sakuthembisa.