USIPHOSAKHE Ntiya-Ntiya ofike kwezwakala kwiKaizer Chiefs uzimisele ngokuhamba ezinyathelweni zabadlali baKwaZulu-Natal abagila izimanga eminyakeni edlule kuleli qembu laseSoweto.
Lo mdlali ongowokudabuka eMount Frere (KwaBhaca), e-Eastern Cape kodwa wakhulela kwaV, eMlaza, eThekwini, izinto zimhambela kahle kuMakhosi njengoba selokhu enyuselwe eqenjini elikhulu ukuthola ijezi sekuphenduke into yakhe.
UNtiya-Ntiya (21) obegila izimanga emiqhudelwaneni yezikole efana neDanone Nations Cup U/12, McDonald Cup U/14 nakweminye esafunda e-Inkonkoni Primary School ekhona eMlaza, utshele leli phephandaba ukuthi ngathi uyaphupha uma ebuka izinto ngendlela ezimhambela ngayo kwiChiefs. “Ngesikhathi uKomphela (Steve) enginyusela eqenjini elikhulu wathi kimi konke sekusezandleni zami ukuphenduka omunye wabadlali abahlonishwayo. Wangiyala ngokuthi mangilisebenzise ngendlela ithuba lokudlala eqenjini elifana neChiefs. Ngizimisele ukwenza lokho uKomphela angiyala ngakho, futhi ngibona kwenzeka,” kubeka uNtiya-Ntiya okhombise ukuthi uyakude edlala yonke imidlalo yeMultichoice Diski Challenge.
Wengeze ngokuthi ufuna ukuhamba ezinyathelweni zabaKwaZulu-Natal abadlala kuMakhosi eminyakeni edlule okubalwa kubo uBhizzah Dlamini, Shaka Ngcobo, Kito Petrus “Ten-Ten” Nzimande, Fani Madida, Derrick Spencer, Arthur Bartman, Siyabonga “Bhele” Nomvethe, Siyabonga Nkosi osengomunye wabahlaziyi kwiSuperSport.
“Ngikwazi kahle kamhlophe ukuthi akekho umdlali waKwaZulu-Natal owafike waphoxa kwiChiefs, ngifuna ukuhamba ezinyathelweni zabo,” kusho uNtiya-Ntiya
othi uma engagcina engalitholanga ithuba lokuyodlala phesheya angathanda ukugugela kuMakhosi.
“Nginethemba futhi lokuthi kulo nyaka zikhona izinkomishi engizozinqoba neChiefs.”
UNtiya-Ntiya owabonwa nguJazzman Mahlakgane ngo-2011 edlala kwiMcDonald U/14 Cup, uthe wazi kahle ukuthi ukube usaphila uNomusa Mpanza owayemqeqesha esadlala kwi-Inkonkoni ngabe ujabule ngempumelelo yakhe kwiChiefs.
Ngaphambi kokufika kwiChiefs, lo mdlali udlale ezikwatini ezincane kumaZulu FC nakwiSuperSport United.
Akuphelanga sikhathi efike kwiChiefs wabe eseyisithandwa sabalandeli kanti udlale okokuqala Amakhosi ebambana ngo 1-1 nePirates emdlalweni wabakhaya obuseFNB Stadium. “Ngeke ngiqambe amanga, ukungayidlali imidlalo yomkhaya edlule kwangiphatha kabi. Noma yinini uma iqembu lidlala ngihlale ngizitshela ukuthi kumele nginyuse amasokisi.”
UNtiya-Ntiya osalelwe yiminyaka emibili nesigamu enkontilekeni yakhe kwiChiefs, uveze ukuthi kule sizini angathanda ukunqoba isicoco seligi neseNedbank Cup. “Siyakuqonda ukuthi abalandeli bethu abaningi kabayithandanga indlela esidlale ngaye neTornado kwi-last 32. Kulokhu kuzomele senze isiqiniseko okuthi siyadlula kwiThe Magic esiqhathwe nayo kwi-last 16,” kubeka lo mdlali.
Lo mdlali usethubeni lokungena eqenjini lika-Under 23 elizodlala emidlalweni yokuhlungela ukuya kuma-Olympic Games aseTokyo eJapan, ngonyaka ozayo uma ezoqhubeka nezinga adlala ngalo. Khonamanjalo; iChiefs imemezele ukuthi izodlala umdlalo wayo weligi neHighlands Park eMabhida Stadium ngoMashi 2.