ITHATHE iphuzu kubekwe amathathu etafuleni iKaizer Chiefs ngesikhathi idlala ngokulingana neBaroka FC emdlalweni we-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, izolo ebusuku.
Lo mdlalo bese kungowesithathu weligi iChiefs ihluleka ukunqoba okwenza ukuthi umqeqeshi wayo uGiovanni Solinas aphinde alinde ngaphambi kokuthola iwini yakhe yokuqala kusukela ethathe lo msebenzi.
Kubonakale uqala umdlalo ukuthi uzoshuba ngoba lapha bekubhekene iningi labafana abancane, abazanayo futhi abaphiwe ngendlela efanayo ngokwethalente zinhlangothi zombili.
Indlela ababonana ngayo uLeonardo Castro, Khama Billiat noSiphelele Ntshangase inika ithemba kubalandeli beChiefs kwazise laba badlali abathathu bebeyinkinga ngendlela efanayo nale abebeyiyona koweFree State Stars abawunqobe ngempelasonto kwiMTN 8.
UDumisani Zuma (onomkhuhlane), Virgil Vries noJoseph Molangoane (abalimele) abazange bawuqale umdlalo ngenxa yezizathu ezahlukene. Kubuye o-Itumeleng Khune obesekhefini ebhekene nendaba yomndeni, Siphiwe Tshabalala noGustavo Paez.
Ngomzuzu ka-24 basukume bonke abantu abangu-15 900 abebehambele umdlalo ngesikhathi uCastro ephendula uLetladi Madubanya walibeka enethini kodwa waphika umsizi kanondweba, yize isinqumo sakhe besisolisa.
Uwugwaze ekhaya ngomzuzu ka-36 uDaniel Cardoso. Inkinga iqalwe uyena vele uCardoso evumela ibhola ukuba libhampe phansi. IChiefs ithole ithuba lokulinganisa ngemuva kwalokhu kodwa yaliyeka.
Ulinganisile uTshabalala ngomzuzu ka-44 eshaya i-free kick emshiye enkemile unozinti weBaroka u-Ayanda Dlamini. Kucishe konakala zibuya ngakho kodwa kuhlasela uMpho Kgaswane oshaye ipali ibhola limdlile uKhune. NoBilliat uthole ithuba lavimbeka ngephutha kuDlamini obengathembisi.
Ngaphandle kokukhiphana kwabadlali inkani maphakathi nenkundla ngemizuzu yo-66 akukho minyakazo ebiyenza onozinti basebenze. Usuyela ngasemaphethelweni umdlalo bese kunganqoba noma ubani kodwa uTalent Chiwapiwa ubelokhu emthwalise kanzima njalo uRamahlwe Mphahlele.
Umdlalo ugcine uphele kanjalo kwacaca ukuthi umqeqeshi weChiefs, uSolinas usazolinda ngaphambi kokuthi athole iwini yakhe yokuqala emidlalweni yePremiership.