USWELE amaphiko umgadli we-Orlando Pirates, u-Ayanda Nkosi, ngesikhathi ethola incwadi evela kwiNational Prosecutions Services (NPS) imazisa ukuthi ngeke lusaqhubeka uphenyo kumbe icala lokudlwengula ingane eneminyaka ewu-15 abesolwa ngalo.
Le ncwadi, ukufika kwayo kuNkosi okuqinisekiswe yiPirates, kwenzeke ngoLwesibili ntambama. UNkosi ubengakaze abonakale enkundleni kusukela isizini entsha iqalile.
Ngokwemibiko Isolezwe eliyithole kwabasondelene kakhulu nalolu daba, isigameko senzeke nyakenye eCenturion emzini kagogo wentombazane uNkosi abesolwa ngokuyidlwengula.
Kuthiwa uNkosi wenze lokhu abesolwa ngakho kukhona umama wentombazane ugogo wayo nomzala wayo (okusolwa ukuthi uyena owayefike nalo mdlali lapha ngoba vele uthandana naye). Kuthiwa bonke laba babekhona endlini kepha belele emakamelweni ehlukene.
Kuyavela futhi nokuthi lesi sigameko senzeka nje, amanzi amponjwana ayegcwele itafula kunguyena futhi lo mdlali owayezithaka izinyembezi zikaKhwini.
IPirates ikhiphe isitatimende kwi-website yayo nayo izwakalisa injabulo yayo ngokuthi icala abethweswe lona umdlali wabo lichithiwe ngoba bungekho ubufakazi obuqanda ikhanda obukhomba ukuthi uNkosi uwuphulile umthetho.
"U-Ayanda Nkosi kube sengathi kusuka umthwalo emahlombe kuyena ngesikhathi ethola le ncwadi imazisa ngokuthi ngeke lisaqhubeka icala abesolwa ngalo. Kufike incwadi ivela kwiNPS icacisa ukuthi ngemuva kokulicubungulisisa kahle idokodo ibone kungcono iluyeke lolu phenyo ngoba akukho okukhombisa ngokusobala ukuthi uNkosi ulenzile leli cala elisabekayo," besibhalwe kanje lesi sitatimende.
Ephawula kusona lesi sitatimende uNkosi uthe: "Kusemqoka ukuthi ngihlale njalo ngimile emiyalelweni yeqembu engatshelwa yona ngifika. Udlame olubhekiswe kwabesifazane nabantwana lufana nempi enkulu ebhekene nezwe lonke ngakho-ke kusemqoka ukuthi kube ithina phambili esikhuza lo mkhuba. Kuwumsebenzi wethu ukuba yisibonelo kwabeza ngemuva. Ngiswele amaphiko ngenxa yenjabulo njengoba sekugezeke igama lami."
Akukona okokuqala ukuthi umdlali weqembu elisesigabeni esikhulu abhekane namacala okudlwengula njengoba kwenzekile kuMasibusane Zongo eminyakeni edlule eboshelwa icala lokudlwengula okuthiwa wayelenze ngo-2013 esadlalela iChippa United.
Naye lo mdlali wagcina ephumile ejele lasulwa icala ngoba kuthiwa babungekho ubufakazi obubambekayo.