INJINI ye-Orlando Pirates, uXola “Ten Ten” Mlambo, ibuthatha njengefu elizodlula ubunzima ababhekene nabo njengeqembu obekubhekwe ukuthi lizoqala isizini ye-Absa Premiership ka-2018/2019 ngegiya eliphezulu.
I-Pirates iqede isizini edlule isefomini yagcina isendaweni yesibili kwi-log ngemuva kompetha iMamelodi Sundowns. Lokhu kwenze abalandeli balindela ukuthi iqale ngegiya eliphezulu kodwa kwagcina kungenzekanga. EZimnyama zisawine imidlalo emibili kweyisihlanu kule sizini. Zihlule Chippa United ngo 1-0 ekuhambeni, zacosha amaphuzu agcwele kwiBlack Leoaprds emdlalweni wakamuva. I-Pirates ayikawini nowokubika umdlalo enkundleni yayo i-Orlando Stadium.
Isanda kukhishwa kwiMTN8 kuyona le nkundla yiSuprSport United.
“Amaqembu aseyasazi ukuthi sidlala kanjani. Ibhola selishintshe kakhulu, amaqembu asenabantu abacubungulayo. Kodwa ngikholwa wukuthi asiqalanga kabi kangakho ngoba kuyona yonke imidlalo esihlulwe kuyona besakha amathuba amaningi kuneqembu ebesisuke sidlala nalo. Inkinga nje wukuthi inhlanhla asinayo. Kodwa sineqembu elinabadlali abasezingeni eliphezulu engingangabazi ukuthi uma sekudlule leli fu esibhekene nalo sizoziwina izindebe. Konke kuzoshintsha,” kusho uMlambo.
“Wukuthi nje uma ungayiwini imidlalo abantu abayiboni into oyenzayo kodwa umsebenzi onzima abantu bazowubona uma sekudlule isimo esibhekene naso. Uma ubheka nangesizini edlule asiqalanga ngendlela ebesikade silindele ukuqala ngayo kodwa izinto zahlangana ngokuhamba kwesikhathi. Kulena sinabadlali abasha abasazama ukubamba indlela esidlala ngayo.”
Kusasa ngo-8.15 ebusuku iPirates izokwamukela iSuperSport emdlalweni weligi e-Orlando Stadium. Emasontweni edlue umqeqeshi wePirates, uMilutin “Micho” Sredojevic uzwakalise ukungenami ngokuphikwa yizinto uma bedlalela kule nkundla okuyinto ababhekane nayo ngesizini edlule. Akubuzwa ukuthi eZimnyama zizofuna ukuziphindiselela ngokwenzeke koweMTN 8 zihlulwa kumaphenathi.
“Angikholwa wukuthi iSuperSport izoshintsha endleleni ebikade iyiyona koweMTN8 ngoba nathi isiyasazi ukuthi sidlala kanjani. Uma ishintsha kuzosivuna lokho ngoba izokwenza into engayijwayele. Kuzoba wumdlalo onzima kakhulu kodwa sizowuthatha njengayo yonke imidlalo ngoba asifuni ukugudluka ekutheni sibhekana nomdlalo ngamunye ngesikhathi,” kusho uMlambo.
“Kubalulekile ukuthi siqale ukuwina imidlalo manje. Siyakuqonda okufanele sikwenze nokulindelekile. Senza konke okusemandleni ukuwina imidlalo. Kuzofanele sisebenze kanzima.”
ISuperSport, engene ngopotsho kwiMTN8, isahlulwe kanye emidlalweni emine ishaywa yiCape Town City ngo 2-0. Inamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Chippa United v Baroka FC (Sisa Dukashe Stadium, 3pm); Cape Town City v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Mariztburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 6pm); Polokwane City v Free State Stars (New Peter Mokaba Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Black Leopards v Bloemfontein Celtic (New Peter Mokaba Stadium, 3pm); Highlands Park v Lamontville Golden Arrows (Princess Magogo Stadium, 3pm); AmaZulu v Mamelodi Sundowns (King Zwelithini Stadium, 3pm)