UMGADLI weBanyana Banyana uThembi Kgatlana uzifake emlandweni eshaya elihle igoli elinikeze elakuleli amaphuzu amathathu, lihlula ompetha iNigeria emdlalweni wokuqala weWomen Africa Cup of Nations (AWCON) izolo ebusuku eGold Coast eGhana.
Kungokwesibili emlandweni iBanyana ihlula iNigeria. UKgatlana ube umdlali wesibili ukushaya igoli kubhekenwe namaSuper Falcons. Uthole ibhola elide eliqhamuke kuJermaine Seoposenwe, angazange alicime walikhahlela layoqabula inethi ngomzuzu ka-86.
INingizimu Afrika yayikade igcine ukuhlula iNigeria emqhudelwaneni wango-2011 e-Equatorial Guinea idlula ngo 1-0 wegoli likaJanine van Wyk njengoba nayizolo ithole umphumela ofanayo.
Iqembu likaDesiree Ellis lilwela ukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa, ukuya kwiNdebe yoMhlaba nokunqoba i-AWCON. Kokubili iBanyana ayikaze ikwenze.
Kodwa ayidingi ukuba ngompetha base-Afrika ukuze iye kweyoMhlaba eFrance ngonyaka ozayo. Okumele ikwenze wukuqeda umqhudelwano ibalwa namaqembu amathathu azobe ephezulu.
Ngo-2014 kuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2015, iBanyana yagcina ithole indawo yesine, ashabalala kanjalo amaphupho isaholwa uVera Pauw.
Izolo esiwombeni sokuqala iNigeria ibibukeka iyingozi uma iphethe ibhola yize ingazange yakhe amathuba amaningi anikeze ubunzima unozinti wakuleli, uKaylin Swart.
Kuthathe imizuzu engaphezulu kuka-30 ukuthi amaSuper Falcons athole ithuba elicishe lashiya kukhala ebhentshini leNingizimu Afrika ngesikhathi isilomo sawo * -Asisat Oshoala etholana nenkanka uDesire Oparanozie. Kodwa lelo bhola laphuma phezu kwamapali.
IBanyana ibe nazo izikhawu zokukhombisa ingozi uma iphethe ibhola ilibeke phansi lidle ngamaphasi. Kuqala isiwombe sesibili ikhombise ukudlala ngokuzethemba, ixina iNigeria ngasebhokisini layo.
Ezika-Ellis ziqhubekile nokuhlasela kwaba yizona ezigcina ziyibonile inethi.